Umsakazi weGagasi FM, Sne Nene, usevuse ingxoxo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokwabelana ngengxoxo emfishane kodwa eshisa izikhotha nomuntu obemzamile ukumcela ukuba babe nobudlelwano.
Kubonakala sengathi lo mlisa akazange afune ukuzungeza indaba. Ungene khona kanye lapho efuna khona, watshela uSne ukuthi uyazithanda izindebe zakhe futhi ufuna ukwazi ukuthi usakhululekile yini kwezothando.
“Sine, I love your lips. Am I single? I need to mingle with you,” kubhala lo mlisa.
USne naye akazange amshiye elenga noma amnike amathemba angekho. Umphendule ngokwethembeka okungajwayelekile.
“I appreciate this level of honesty futhi ngiSingle nami, kodwa ngeshwa anginaso isifiso sokumingle nawe. Ngiyabonga ngokukhombisa intshisekelo,” kuphendula uSne.
Kodwa indaba ayigcinanga lapho.
USne wabelane ngale ngxoxo, wabuza abalandeli bakhe ukuthi kungani abantu bengakwazi ukukhuluma iqiniso kusukela ekuqaleni uma benezinhloso zothando.
“Nina nihlulwa yini ukuba upfront kanje? Why kumele kuqanjwe amanga kufakwe indaba yothando?” kubhala yena.
Uze wancoma abantu abangafihli izinhloso zabo, wathi abantu abathembekile ngalokho abakufunayo kufanele banikwe u-100%.
Le ndaba isihlekise abaningi ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi ngenxa yokuthi lo mlisa udubule isibhamu sothando ngokucacile, kodwa uSne yena wasiphendula ngenhlonipho, kodwa wase evala isango.
Kubonakala sengathi umyalezo kaSne ucacile: khuluma iqiniso ngezinhloso zakho, kodwa futhi uzilungiselele ukwamukela impendulo, noma ngabe ayiyona le obuyilindele.











Leave a Reply