UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

OWEGAGASI FM USEDALULE UKUTHI USOHAMBWENI LOKUBA OWESIFAZANE NGOKUGCWELE

Umsakazi weGagasi FM uSelbeyonce udalule bukhoma emsakazweni ukuthi usohambweni lokuba ngowesifazane ngokugcwele, wathi usezibona esengaphansi kohlamvu u-“T” kumphakathi we-LGBTQIA+.

Lokhu ukuveze ngesikhathi uFelix Hlophe embuza  ukuthi ungaphansi kwaluphi “hlamvu” phakathi kwe-LGBTQIA+.

USelbeyonce uphendule wathi useku-“T”, okuwuhlamvu olusetshenziswa ukuchaza abantu abangama-transgender.

Ube eseveza ukuthi abalaleli kufanele balindele ukubona izinguquko kuye njengoba eqhubeka nalolu hambo.

“From now on you must expect me to come to work more softer and crying a lot. My skin and some body parts will be changing, but I’m not going under the knife,” kusho uSelbeyonce.

Ngokuchaza kwakhe, uSelbeyonce uthe akahlelile ukuhlinzwa ukuze enze lolu shintsho, kodwa uzokwenza izinguquko endleleni aphila ngayo, aziveza ngayo nendlela aziphatha ngayo.

Le ngxoxo iphinde yavusa ingxoxo ngokuthi ukuguquka kobulili akusho ukuthi umuntu kumele ahlinzwe.

Abanye babalaleli baphinde bambonga uSelbeyonce ngokubachazela kabanzi ngohlamvu u-“T” nokuthi kusho ukuthini ukuba umuntu oguqukayo ngokobulili.

“Kubalulekile ukuqaphela ukuthi ukuguquka kobulili kungahlanganisa izinto ezahlukene. Abanye abantu bangakhetha ukuguqula indlela abagqoka ngayo, amagama abasebenzisa wona noma indlela abaziveza ngayo emphakathini. Abanye bangakhetha ukusebenzisa ama-hormone noma ezinye izindlela zokwelashwa, kanti abanye bangase bangafuni nhlobo ukuhlinzwa,” kuchaza lomsakazi.

Ingxoxo kaSelbeyonce noFelix Hlophe isivuse ingxoxo kubalaleli beGagasi FM mayelana nobulili, ukuguquka kobulili kanye nezindlela ezahlukene abantu abahamba ngazo kulolu hambo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *