Abantu baseMlazi bazothola ithuba lokuhlolwa amehlo nezindlebe mahhala, kanti abanye bazophinde bathole izibuko zamehlo nezinduku zokuhamba mahhala.
Leli thuba lizotholakala mhla zingama-26 ePhilani Valley Mall, eMlazi, emkhankasweni wokufundisa umphakathi ngokubaluleka kokunakekelwa kwamehlo, i-Eye Care Awareness Month, ohlelwe yiPhumlani Dube Foundation.
Le nhlangano engenzi nzuzo yasungulwa nguPhumlani Dube, owayengumsakazi woKhozi FM futhi ongowaseMlazi.
Kulolu hlelo, abantu abaneminyaka engama-40 nangaphezulu bazothola ithuba lokuhlolwa amehlo nezindlebe mahhala, ngosizo lodokotela bamehlo kanye nongoti bezindlebe.
Labo abazotholakala benezinkinga zokubona bazonikezwa izibuko zamehlo mahhala.
Abazotholakala benongwengwezi emehlweni nabo bazosizwa ngokuthi bathole ukuhlinzwa mahhala kwesinye sezibhedlela eziseThekwini.
Kanti abantu abadala abanenkinga yokuhamba bazonikezwa nezinduku zokubasiza ukuhamba mahhala.
UDube uthi abantu abangu-200 abafika kuqala yibo abazothola ithuba lokusebenzisa lezi zinsiza.
Uthe inhloso enkulu yalolu hlelo ukuqwashisa umphakathi ngokubaluleka kokuhlolwa nokunakekelwa kwamehlo, ikakhulukazi kubantu asebefinyelele eminyakeni engama-40.
“Lokhu kuhlolwa kwenzelwa abantu abaneminyaka engu-40 kuya phezulu kuphela. Inhloso yalolu hlelo ukuqwashisa ngokubaluleka kokunakekela amehlo, ikakhulukazi njengoba sibheke kwi-Eye Care Awareness Month,” kusho uDube.
Uphinde wanxusa abantu baseMlazi ukuthi basebenzise leli thuba, baphume ngobuningi babo.
“Ngiyawunxusa umphakathi waseMlazi ukuthi uphume ngobuningi uzozitamuzela ngalezi zinsiza zamahhala,” kusho uDube.
Lolu hlelo luzoba sePhilani Valley Mall mhla zingama-26, kanti abantu abaneminyaka engama-40 nangaphezulu bayakhuthazwa ukuthi bafike kusenesikhathi njengoba kuzohlomula abantu abangu-200 abafika kuqala .











Leave a Reply