Kusukela ekusebenzeni ngemuva kwezigcawu zomsakazo uKhozi FM, lapho ayedidiyela khona izinhlelo ezinkulu ezazisakazwa ngezikhathi eziphambili, kuya ekubeni usomabhizinisi, uSma Mathibeli usevule elinye ikhasi empilweni yakhe.
UMathibeli, owaziwa nangokulingisa emdlalweni kamabonakude owawudumile i-Zone 14, usevule isitolo esikhulu sokudla nezimpahla zasekhaya, i-FOOD24, e-Etafuleni, eNanda.
Lesi sitolo sivule ngokusemthethweni iminyango yaso ngoLwesihlanu, mhla zingama-30 kuMfumfu 2026, silethe enye indawo yokuthenga emphakathini waseNanda.
UMathibeli, osebenza ngaphansi kwenkampani iCalvin and Family Group, uthi ukuvulwa kwe-FOOD24 kuyingxenye yesu lokutshala imali emalokishini, ukudala amathuba emisebenzi nokweseka osomabhizinisi abasafufusa.
Uthi kubalulekile ukuthi imiphakathi yasemalokishini ithole izitolo ezihlinzeka ngemikhiqizo esezingeni eliphezulu ngamanani afanele.
“Ukutshala imali emalokishini kusho ukutshala imali kubantu bakithi,” kusho uMathibeli.
Uqhube wathi i-FOOD24 yakhelwe abantu baseNanda, kanti inhloso wukuthi ikhule kanye nomphakathi ewusebenzelayo.
“Abantu baseNanda bafanelwe yimikhiqizo esezingeni eliphezulu, amanani afanele namathuba okuthuthuka. I-FOOD24 yakhelwe lo mphakathi, kanti umbono wethu wukuthi sikhule kanye nabantu esibasebenzelayo,” esho.
UMathibeli akamusha emkhakheni wezokungcebeleka, njengoba eke wasebenza njengomdidiyeli wezinhlelo kuKhozi FM, lapho abamba iqhaza khona ekukhiqizweni kwezinhlelo eziningi ezazisakazwa ngezikhathi ezinkulu.
Uphinde waba yingxenye yomdlalo kamabonakude i-Zone 14, lapho abonakale khona njengomlingisi.

















Leave a Reply