UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

UGREG MALOKA UBUYELE EKAYA FM NGESIKHUNDLA ESISHA KWA-UNITED STATIONS

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Isikhulu esaziwayo emsakazweni nakwezokuxhumana, uGreg Maloka, ubuyele emndenini weKaya 959 FM ngemuva kokuqokwa njengoMlingani Omkhulu Wezohwebo (Executive Commercial Partner) kwa-United Stations.

UMaloka uzosebenza ngenkampani yakhe iGriza Enterprise, egameni le-United Stations, lapho ezogxila khona ekwakheni ubudlelwano bezohwebo, ekuthuthukiseni amathuba amasha emali engenayo kanye nokudala izixazululo ezintsha zokukhangisa kuwo wonke amapulatifomu ale nkampani, okubalwa kuwo neKaya 959.

Lokhu kuqokwa kuyisahluko esibalulekile empilweni yakhe njengoba eke waba nguMqondisi Ophethe (Managing Director) weKaya 959.

Ngesikhathi esengumholi wesiteshi, wadlala indima enkulu ekwakheni ubunjalo baso, ukukhulisa izethameli kanye nokusenza sibe ngomunye wemikhiqizo yezindaba enamandla kakhulu eGauteng.

Lesi simemezelo silandela ukuqokwa komsakazi odumile uDJ Fresh, ogama lakhe langempela kunguThato Sikwane, njengomsakazi omusha wohlelo lwasekuseni lweKaya 959 oluqala mhla lu-1 kuJulayi 2026.

UMphathi Obambile KwaKaya 959, uDave Tiltmann, uthe ukubuya kukaMaloka kuzoletha ulwazi olunzulu namandla amasha ngesikhathi esibalulekile ekukhuleni kwesiteshi.

Ngakolunye uhlangothi, uMaloka uthe uyakujabulela ukubuyela esiteshini asichaza njengesinomphefumulo, isigqi nenhloso, wathi ugxile ekwakheni ikusasa eliqhakazile nokusiza abakhangisi bafinyelele izethameli ngendlela entsha nethembekile.

UMqondisi Ophethe we-United Stations, uRivak Bunce, uthe ulwazi olunzulu lukaMaloka, isithunzi sakhe kanye nokuqonda kwakhe imakethe kuzoletha amathuba amakhulu kubakhangisi abafuna ukuxhumana kangcono nemiphakathi abayisebenzelayo.

Ngokuqokwa kukaDJ Fresh noGreg Maloka, iKaya 959 ibonakala ingena esigabeni esisha sokukhula, ithonya kanye nokusungula amathuba amasha kwezohwebo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *