UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

“UKUHLUKUMEZEKA’ KOMSAKAZI OKUPHOQE UGUQUKO OBELUNGALINDELWE KWIGAGASI FM

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Umsakazo oyintandokazi KwaZulu-Natal, iGagasi FM, ushiye abaningi bemangele ngemuva kokumemezela izinguquko eziphuthumayo ezinhlweni zawo ngaphandle kwesikhathi esijwayelekile.

Ngokuvamile lo msakazo wenza izinguquko ezinhlelweni zawo ngo-April minyaka yonke, kodwa kulokhu uguquko luqhamuke isigubhukane, kwashintshwa izinhlelo ezimbili ezisemqoka, okungohlelo lwasekuseni kanye nolwantambama.

Esitatimendeni esikhishwe namuhla, iGagasi FM imemezele ukuthi uMinnie Ntuli, obedlala no Felix Hlophe ku-Gagasi FM Breakfast, usethuthelwe ohlelweni lwantambama.

 Kanti uSelbeyonce yena usethathe indawo yakhe ohlelweni lwasekuseni.

Yize isitatimende salo msakazo singazange sichaze ngokusobala ukuthi kungani kuthathwe lesi sinqumo, Umsakazo News Network uthole ukuthi lolu guquko lulandela izikhalo zikaMinnie Ntuli eziphathelene nokuhlukumezeka emsebenzini.

Ngesikhathi uMinnie engazwakali emoyeni emasontweni adlule, uhlelo lwasekuseni lwaluphethwe uFelix Hlophe kanye no Linda Sibiya

Ngalesonto uNtuli wabhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi sekuyisikhathi eside ebekezelela ukuhlukumezeka emsebenzini.

Kulowo mbhalo, uMinnie waveza ukuthi okubuhlungu kakhulu ukuthi lokhu kuhlukumezeka kwakenzeka ngisho nangesikhathi ekhulelwe, nakuba yena ayelokhu ezama ukwenza konke okusemandleni akhe ukuze uhlelo lube yimpumelelo.

Nakuba engazange adalule ukuthi ubani omhlukumezayo, wachaza ukuthi lokhu kuhlukumezeka kwakumthinta kakhulu ekuseni. 

Kulombhalo wafaka nemininingwane yenhlangano elwa nokuhlukumezeka kwabesifazane, People Opposing Women Abuse (POWA), ekhuthaza abanye besifazane ukuthi bangathuli uma behlukumezeka emsebenzini.

Kodwa-ke, emizuzwini embalwa ngemuva kokushicilela lowo mbhalo, uMinnie wawususa kuzo zonke izinkundla zakhe zokuxhumana.

Ngesonto elalandela wabuyela emsebenzini njengokujwayelekile.

Ngaphandle kokushintshwa kukaMinnie noSelbeyonce, iGagasi FM iphinde lamemezela nezinye izinguquko, okubalwa kuzo ukwengezwa komunye umsakazi womdabu waseNdiya ohlelweni Umsindo Take Over.

Lezi zinguquko sezidale inkulumo enkulu ezinkundleni zokuxhumana, lapho abalaleli bezama ukuqonda ukuthi ngabe lesi sinqumo sihlobene ngqo yini nezinsolo zokuhlukumezeka ezake zavezwa nguMinnie Ntuli noma kukhona ezinye izizathu ezingakadalulwa obala.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *