Owayengumsakazi weGagasi FM ne Jozi FM, uPenny Ntuli, usethembise ukuvundulula amahlazo eJozi FM.
UNtuli ukhiphe inkulumo ebukhali ezinkundleni zokuxhumana, lapho ethe kukhona umuntu onegunya esiteshini osebenzisa kabi isikhundla sakhe futhi ephatha kabi abasebenzi asebeneminyaka eminingi besebenza.
“Ngyeza nakulengungumbane enempandla ecwebezelayo nokukhulu ukudelela nokungabazi abantu nabasebenzi abadala kunaye,” kusho uNtuli.
Uqhube wathi lo muntu kuthiwa uke wathuma umsebenzi omdala ukuthi ayomenzela itiye, nakuba lokho kungekho encazelweni yomsebenzi wakhe.
“Uthume umuntu omdala ayokwenzela itiye when you know that’s NOT part of their Job Description, kodwa balenze because bancenge isinkwa,” kusho yena.
UNtuli uphinde wenza izinsolo ezibucayi zokuthi omunye umsebenzi wagcina eshiye umsebenzi ngenxa yokuziphatha kwalowo muntu.
“Ingane yaze yayeka emsebenzini ngoba ufuna isingezansi sbotho nokukhulu ukungahlazeki,” kusho uNtuli.
Amazwi akhe abonakala ekhombisa ukuthi impi yakhe ngeJozi FM ayikapheli, njengoba eqhubeka nokuphonsa amatshe kubantu abasezikhundleni eziphezulu esiteshini.
Uze wathi uNkulunkulu uzogcina ebhekene nalabo abaphatha kabi abasebenzi, wabe esesebenzisa namanye amagama aqatha ukuchaza lo muntu.
Okwamanje, uNtuli akakadaluli ukuthi ngubani lo muntu abhekise kuye. Akakacaci nokuthi uzokhipha yini eminye imininingwane noma ubufakazi mayelana nezinsolo zakhe.
IJozi FM nayo ayikaphenduli esidlangalaleni kulezi zinsolo zikaNtuli.
Le nkulumo yakamuva iza ngesikhathi uNtuli eqhubeka nokuvusa uthuli ngomkhakha wezokusakaza, ikakhulukazi ngezinto athi zenzeka eziteshini zomsakazo.
Abalandeli bakhe manje balindele ukubona ukuthi ngabe lokhu kungaba yisiqalo sokunye ukudalulwa okuhlobene neJozi FM.











Leave a Reply