Owayengumsakazi weGagasi FM, uPenny Ntuli, usevuse indaba endala ngokudalula okwenzeka ngosuku ayelungiselela ngalo ukwenza uhlelo lwakhe lokugcina kulesi siteshi.
UNtuli uthi ngo-2024, ngesikhathi kusabhebhetheka imibiko ngokuhamba kwakhe kulesi siteshi, wavuka ekuseni waya emsebenzini ezimisele ukuhlonipha inkontileka yakhe futhi avalelise kubalaleli ngendlela efanele.
Kodwa uthi izinto zaphenduka ngesikhathi efika esiteshini.
NgokukaNtuli, onogada basondela kuye bamazisa ukuthi umphathi wakhe ngaleso sikhathi, u-Ayanda Melensi, wayekhiphe umyalo wokuthi angasavunyelwa ukungena esakhiweni futhi akasalwenzi uhlelo ayelungiselela ukulwenza.
Uthi wabe esekhishwa esakhiweni ehamba nonogada, phambi kwabasebenzi kanye nozakwabo.
UNtuli uthi lesi sigameko samphoxa kakhulu, kodwa wakhetha ukungasikhulumi ngaso esidlangalaleni ngaleso sikhathi ngoba wayengafuni ukwengeza uphethiloli emlilweni owawusuvutha.
Uthi nakuba ayebhekene nalokho akuchaza njengokudelelwa, wayefuna ukugcina isithunzi sakhe nokuhlonipha umsebenzi wakhe kuze kube sekugcineni.
“Kubalulekile ukuhlonipha ngisho usubona ukuthi uyadeleleka,” kusho uNtuli.
Manje le ndaba iphinde yavela ngesikhathi uNtuli ephawula ngombiko wokuthi uMelensi naye usexoshiwe emsebenzini wakhe kwiGagasi FM.
“Cha ngizwa kuthiwa she was shown the door’ & was escorted out emsebenzini wakhe abantu bebuka. Yezwa manje ukuthi injani lento of being escorted out weLove? Khona lengoma kaKhuba ethi ‘Kwathi angsinise okohlanya’,” kubhala uNtuli, ehambisana namazwi akhe ngama-emoji okuhleka.
Le nkulumo kaNtuli isivuse ingxoxo ezinkundleni zokuxhumana, njengoba abalandeli bebuza ukuthi ngabe umlando uyaziphinda yini izigameko.











Leave a Reply