UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Yize engaphumelelanga ukunqoba umncintiswano, intokazi yase-Estcourt uSthokoziso Ntshangase isishiye igama layo emlonyeni wabantu ngemuva kokungena kwabahlanu abaphambili emncintiswaneni weGagasi FM Rising Star Sport Presenter Search.
USthokoziso ugcine ephefumulile ngemuva kokumenyezelwa kwemiphumela, wathumela umlayezo othinta inhliziyo ebonga bonke abantu abameseke kusukela ngosuku lokuqala kuze kube sekugcineni.
Uthe ubonga uNkulunkulu ngokumnika amandla, waphinde wabonga umndeni wakhe, abangani kanye nomndeni wakwaNazo ngemithandazo, uthando nokumkhuthaza ngesikhathi somncintiswano.
Akagcinanga lapho. Uphinde wadlulisa ukubonga kwakhe kuMasipala waseNkosi Langalibalele, oholwa yiMeya uMduduzi Myeza, ngokuhlanganisa umphakathi wase-Estcourt ukuthi umvotele ngobuningi bawo.
“Ukungena kwabahlanu abaphambili kuyimpumelelo ezohlale iyigugi impilo yami yonke. Ngiyabonga kubo bonke abakholelwa ephusheni lami futhi bangeseka,” kusho yena.
Nakuba engazange aphumelele ukunqoba, uSthokoziso uthi lolu hambo lumfundise okuningi futhi lumqinise. Uthi usazoqhubeka nokulwela iphupho lakhe lokuba ngomunye wabasakazi bezemidlalo abahamba phambili eNingizimu Afrika.




















Leave a Reply