UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

USHIYE ISIGUBHUKANE UDJ CLEO KURADIO 2000!

UDJ Cleo Eskhaleni usememezele ngokusemthethweni ukuthi uyayishiya iRadio 2000, njengoba uhlelo lwakhe lokugcina kulesi siteshi esingaphansi kweSABC luzosakazwa ngoMgqibelo, mhlaka-22 Agasti 2026.

Lo DJ, ogama lakhe langempela ngu Tlou Monyeapao, umemezele ukwesula kwakhe encwadini ayibhalele abaphathi beRadio 2000 kanye nabalaleli ngoLwesihlanu.

UDJ Cleo ujoyine iRadio 2000 mhla zi-5 kuMbasa 2024, lapho asungula khona uhlelo oludumile The Eskhaleni Party with DJ Cleo.

Uhlelo lwasheshe lwaba ngolunye lwezinhlelo ezazigqama kulesi siteshi, lwakha abalandeli abaningi ngenxa yomculo, ama-mix kanye nesitayela esiyingqayizivele sikaDJ Cleo.

Encwadini yakhe yokuvalelisa, uDJ Cleo uthe uyaziqhenya kakhulu ngalokho yena nethimba abakwazi ukukufeza ezinyangeni ezingu-28 abezichithe kulesi siteshi.

Okunye akugqamisile ukuthi uhlelo lwakhe lwathola ukuqokwa kumaTelkom Radio Awards ngemuva konyaka walo wokuqala lusemoyeni.

UDJ Cleo uphinde wabonga abaphathi beRadio 2000, ikakhulukazi uTony Soglo, ngokumbona njengomuntu ofanele ukuba aqhube lolu hlelo.

Uthe uthatha lesi sinqumo ukuze agxile kakhulu emculweni wakhe, emndenini, ezifundweni zakhe kanye nempilo yakhe.

UDJ Cleo uthe isikhathi sakhe esizayo sizosetshenziswa ekuqedeni izifundo zakhe, emidlalweni ebukhoma kanye nasekuthuthukiseni abaculi.

Uzoqhubeka nokusekela nokuthuthukisa abaculi abasebenza ngaphansi kwakhe, okuhlanganisa uMaifrend Womzulu noPulinshi.

Ugcizelele nokuthi akasuki kuRadio 2000 ngoba eseya esiteshini esiqhudelana nayo.

“Angisuki ngiyosebenza esiteshini esiqhudelana neRadio 2000,” kusho yena, wathi noma yiziphi izinqumo zakhe ngomsebenzi wakhe wesikhathi esizayo uzozenza ngokucophelela.

UDJ Cleo uphinde wakhombisa inhlonipho ayinayo ngeSABC kanye neRadio 2000, ethi uyazihlonipha lezi zinhlangano futhi akafuni ukungcolisa isikhathi sakhe esisebenze kahle kulesi siteshi.

Uphinde wabonga abalaleli abebeyingxenye yohambo lwakhe, wathi ukuphuma kwakhe emsakazweni akusho ukuphela komkhiqizo we-Eskhaleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *