UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

UTHUSE ABANINGI UMPHATHI WOMHLOBO WENENE FM ESULA KULOMSAKAZO

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Uthuse abaningi ememezela ukuthi ushiya isikhundla sakhe sokuba yiBusiness Manager yeziteshi ze Eastern Cape Combo, uLoyiso Bala.

UBala wenze lesi simemezelo ezinkundleni zokuxhumana, lapho eveze khona ukuthi usuku lwanamuhla luphawula ukuphela kohambo lwakhe kulezi ziteshi.

Uthe lesi kube ngesinye sezikhundla zobuholi ezimfundise kakhulu futhi ezimnike amathuba okukhula.

Ubonge bonke abasebenzi, abasakazi, abakhiqizi bezinhlelo nabanye asebenze nabo ngokumeseka nokumethemba.

Uphinde wabonga abalaleli boMhlobo Wenene FM ne-truFM, ethi ukwethembeka kwabo yikho okwenze umsebenzi wabo waba nenjongo.

Akazange adalule ukuthi kungani esula noma ukuthi amabombo uwabhekisa kuphi manje. Nokho uthe ushiya lesi sikhundla enokubonga ngezinto azizuzile, abantu ahlangane nabo kanye nezifundo azifundile.

UBala uphethe ngokuthi usanethemba lokuthi ikusasa lisamuphathele amathuba amakhulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *