UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Ukuqala kohlelo olusha lwasekuseni kuKaya 959 sekudale inkulumo enkulu embonini yezokusakaza eNingizimu Afrika.
Abahlaziyi bezomsakazo abaningi bakholelwa ukuthi lolu hlelo luzoqinisa umbango wokulwela abalaleli basekuseni eGoli, ikakhulukazi phakathi kweMetro FM noKhozi FM.
Lolu hlelo olusha lwasekuseni luholwa nguDJ Fresh, uThato noMpho Maboi.
Ochwepheshe bezomsakazo bathi laba basakazi bahlanganisa ulwazi olunzulu, ubungcweti kanye nodumo olungadonsa abalaleli abaningi.
Sekuyiminyaka iMetro FM ibalwa phakathi kweziteshi ezihamba phambili ngesikhathi sasekuseni ngaphansi kobuholi bukaDJ Sabby.
Nokho, sekunombono wokuthi ukufika kukaDJ Fresh nozakwabo kuKaya 959 kungase kuphazamise leso simo futhi kuhehe abalaleli abafuna okusha.
Ngakolunye uhlangothi, noKhozi FM luphinde lwaqinisa isu lawo lokukhulisa isibalo sabalaleli eGoli.
Ngo-Ephreli lesi siteshi saqasha uVee Mthembu, obesakaza kuJozi FM, ukuba abe ngomunye wabethuli bohlelo lwasekuseni ngenhloso yokwandisa isabelo sabalaleli eGauteng.
UDJ Fresh ujoyine iKaya 959 ngemuva kokuhamba kukaSizwe Dhlomo, okwamangaza abaningi embonini kanye nabalaleli.
Ngokubona kwabahlaziyi, impi yokulwela abalaleli basekuseni eGoli isizoshuba kakhulu njengoba iKaya 959, iMetro FM noKhozi FM bezobanga izindlebe zabalaleli kanye nabakhangisi.




















Leave a Reply