UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umculi odumile kaMaskandi uKhuzani Mpungose usekhiphe isexwayiso esiqinile kwi Bhinca Nation Podcast, eyethulwa nguNgizwe Mchunu, ecela ukuthi bayeke ukusebenzisa igama lakhe ezingxoxweni zabo.
Akukacaci kahle ukuthi yini edale lokhu kungaboni ngaso linye. Nokho, uMpungose uveze ngokusobala ukuthi akajabule ngendlela igama lakhe eliqhubeka livela ngayo kule phodikhasti, futhi usecele ukuthi lokhu kumiswe ngokushesha.
Lo mculi uxwayise ngokuthi uma bengahloniphi lesi sicelo futhi beqhubeka nokukhuluma ngaye, uzothatha izinyathelo zokuyivala le phodikhasti.
“Ngicela le podcast ingaphinde ikhulume ngegama lami. Isicelo lesi, angilwi namuntu kodwa ngiyacela, angithandi, sekwanele manje. Angideleli muntu, ezimpini sengaphuma kuzona. Kodwa akebengixolele manje sengiright. Uma beyizinsizwa abaqhubeke. Ngeke ngehlulwe ukuvala le podcast mina,” kusho uMpungose.
IBhinca Nation Podcast, eyaziwa ngokuba nemibono engahlonizi ngezindaba zomphakathi nezokuzijabulisa, ayikaphenduli ngalolu daba.