UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

BAMTSHELE UKUTHI UYABADAKELWA UDJ TIRA ETHI ABAYOBHALISELA UKUVOTA

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Isihlabani somculo weKwaito nomsunguli we-Afrotainment, , sibhekane nenhlamba enzima ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokukhuthaza abantu ukuthi baqinisekise ukubhaliswa kwabo ukuze bavote okhethweni loHulumeni Basekhaya oluzokuba mhla zizi-4 kuLwezi.

UTira ufake umlayezo kanye nevidiyo, enxusa izakhamuzi ukuthi zihlole imininingwane yazo yokuvota futhi ziqinisekise ukuthi zibhaliswe endaweni ezihlala kuyo ukuze zikwazi ukuvota ngosuku lokhetho.

Kodwa-ke, abanye babalandeli bakhe abazange bawamukele kahle lomlayazo kunalokho bavele bamthuka.

Baphonse inselelo kulo DJ, bemsola ngokuthi akabonakali uma kukhulunywa ngezindaba ezishisa izikhotha emphakathini, okubalwa kuzo imikhankaso efana ne-March and March kanye nokuxoshwa kwabokufika abangenazo izimvume zokuhlala nokusebenza eNingizimu Afrika.

Abanye baphawule ngokuthi uTira kufanele aqale alalele ukukhala komphakathi ngaphambi kokunxenxa abantu ukuthi bayovota.

Kukhona nabamtshele ukuthi abantu abaningi bamatasa ngosuku lwango-30 kuNhlangulana, lokuxoshwa kwabokufika abangenamaphepha asemthethweni.

Naphezu kokugxekwa, uTira uqhubekile nokugcizelela ukubaluleka kokuthi abantu babhalisele ukuvota futhi basebenzise ilungelo labo lentando yeningi.

Umlayezo wakhe ugxile ekutheni wonke umuntu aqinisekise ukuthi imininingwane yakhe isesimweni esifanele ngaphambi kokhetho lwangoLwezi.

Lolu daba luvuse inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana, lapho abanye beseka umyalezo wakhe wokukhuthaza ukubamba iqhaza okhethweni, kanti abanye bethi osaziwayo kufanele baqale bakhulume ngezinkinga ezithinta imiphakathi ngaphambi kokunxenxa abantu ukuthi bavote.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *