UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

UMCULI UBHOBOKA NGENGXABANO YAKHE NO BIG ZULU

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umculi odumile uMduduzi Ncube useqede ukukhuluma mayelana nengxabano yakhe noBig Zulu, waveza ukuthi ukungaboni ngaso linye ngemali nokwethembeka yikho okwaholela ekutheni ahlukane neNkabi Records.

Lo mculi ubhale umlayezo omude ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kwezinsuku kugcwele ukuqagela kanye nezinkulumo ezahlukene mayelana nobudlelwano bakhe nenkampani yezokuqopha eyasungulwa nguBig Zulu.

Emlayezweni wakhe, uNcube uveze ukuthi nakuba engacabangi ukuthi ukukhuluma kuzoshintsha indlela abantu ababuka ngayo lolu daba, uzizwe ephoqelekile ukuba achaze uhlangothi lwakhe.

“Kuyosizaphi ukukhuluma i-side lami ngoba nemali yeDear Ex Yami angiyazi noma eyeNgeke Ngimyeke. Kubuhlungu ukusebenzela imali ongayiboni noma ovele uphucwe yona nje,” kubhala yena.

Lo mculi uphinde wavuma iqhaza elibanjwe yiNkabi Records ekukhuliseni umsebenzi wakhe wobuciko, wabonga ngokwesekwa akutholile eminyakeni edlule.

“Ngiyalibonga ikhaya elikhulu ngokunginika ithuba, uthando kanye nokwesekwa ekukhuliseni igama likaMduduzi Ncube. Ngihlale ngibonga futhi kuMfoka Nene, ubhuti omdala uBig Zulu, ngokungikholelwa nokunginika amandla,” kusho yena.

Nokho, uNcube uthi izingxabano ezinkulu zaqala ngenxa yezindaba zemali.
“Into ebeyingxenye yengxabano nokungaboni ngaso linye yimali. Angifisi ukugxila kakhulu kulokho kodwa kuzomele kube sobala ngoba ngilimele kakhulu. Kodwa akekho ozobona ngoba ngihlala ngimamatheka futhi ngikushaye indiva,” usho kanje.

UNcube uphinde waveza ukuthi maduze uzodalula kabanzi ngokwenzeka ngesikhathi enza interview kwi-podcast, lapho ezobe echaza khona izizathu zokushiya kwakhe iNkabi Records.

“Ngizoya kwenye yama-podcast amahle ngoba anginawo amandla okuthola interview emsakazweni. Yilapho engizochaza khona ukuthi kwenzekeni nokuthi kungani ngaphuma eNkabi Records. Ingxabano enkulu ibimayelana nemali nokwethembeka,” kusho yena.

Lo mculi uthe uyavuma ukuthi abanye bambiza ngomqambimanga, kodwa uzwa ukuthi kubalulekile ukuthi achazele abalandeli bakhe iqiniso ngendlela alibona ngayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *