UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umculi nosaziwayo uMolemo “Jub Jub” Maarohanye uboshiwe futhi kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseGermiston ngoMsombuluko kulandela isigameko okusolwa ukuthi senzeke e-Edenvale esithinta umshayeli wemoto ye-Uber.
Ngokusho kwamaphoyisa, uMaarohanye ubhekene namacala okuthumba umuntu, ukuvimbela ukusebenza kobulungiswa, kanye nokudubula ngesibhamu endaweni yomphakathi.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe lesi sigameko kusolwa ukuthi senzeke ngezithuba zabo-7:30 ekuseni ngesikhathi umshayeli wemoto yezokuthutha ehambisa owesifazane emzini othile e-Edenvale.
“Kusolwa ukuthi umshayeli wayesanda kuletha owesifazane emzini othile e-Edenvale ngesikhathi ebhekana nomsolwa, owamsola ngokuba nobudlelwano bothando nentombi yakhe,” kusho uMathe.
Amaphoyisa athi uMaarohanye wabe esephoqa lo mshayeli ukuba angene emotweni yakhe futhi wamvimba ukuba ahambe.
Ngesikhathi kuqhubeka le ngxabano, kusolwa ukuthi umsolwa wadubula ngesibhamu ebheke ngakulo mshayeli.
“Umshayeli ukwazile ukubaleka engalimalanga futhi washesha waya esiteshini samaphoyisa esiseduze ukuyobika lesi sigameko,” kuqhuba uMathe.
Lomculi odumile kulindeleke ukuthi avele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseGermiston ngoMsombuluko, lapho azobhekana khona ngokusemthethweni namacala abekwe wona.
Amaphoyisa athe uphenyo ngalolu daba lusaqhubeka.




















Leave a Reply