UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

ABALANDELI BAVALELE UMCULI EKHONENI BEMBUZA NGABOKUFIKA

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Umculi odumile uMaWhoo ususe inkulumo enkulu ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokunxusa abalandeli bakhe ukuba bamvote kumaBasadi Music Awards.

Nokho, esikhundleni sokuthi abalandeli bagxile esicelweni sakhe, abaningi basebenzise leli thuba ukumbuza imibuzo ephathelene nodaba lwabantu bokufika olushisa izikhotha eNingizimu Afrika.

Abanye babhale bathi: “Uthini umbono wakho ngabantu bokufika? Asidlali la, phumela obala uthi bahlale noma bahambe. Usiyeke ngosomangano wamavoti.”

Omunye uphawule wathi: “Isithombe sakho ukwiMarch and March. Uma usukhuluma ngabokufika, khona sizokhuluma ngamavoti. Asidlali nhlobo.”

Kuphinde kwaba khona abathi okwamanje abakakulungeli ukuxoxa ngezindondo, njengoba begxile emibhikishweni nasezingxoxweni ezihlelelwe umhla zingama-30.

Omunye ubhale wathi: “Awume, we’re still focusing on the pressing matter of 30th. Anikhulumi nina.”

Le mpendulo ikhombisa ukuthi izingxoxo ezinkundleni zokuxhumana seziguquke kakhulu, njengoba osaziwayo sebebuzwa ukuba baveze imibono yabo ngezindaba zomphakathi ngaphambi kokuthi bathole ukwesekwa emikhankasweni yabo.

UMaWhoo akakaphenduli esidlangalaleni kule mibono ngesikhathi kushicilelwa lolu daba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *