UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Usuka ezinkantolo usengena kwezepolitiki! Umculi nomdidiyeli womculo odume umhlaba wonke, uLebo M, useveze ukuthi ucabanga ukungena kwezepolitiki emuva kweminyaka edonse amehlo ngenxa yempi yakhe eshubile nomsakazi wezemidlalo uRobert Marawa.
Lo mdidiyeli womculo odume ngefilimu ethi The Lion King ukhulume lokhu ngesikhathi evela ku-I Heart Podcast, lapho ephawule khona ngezinkinga ezibhekene neNingizimu Afrika, ikakhulukazi udaba lwabokufika abangekho ngokusemthethweni.
ULebo M uthe abantu baseNingizimu Afrika sebesheshe babizwe ngokuthi banenzondo kwabokufika noma nini lapho bekhuluma ngokungena kwabantu ngokungemthetho ezweni.
“Kukhona owaqhamuka negama elithi ‘xenophobia’ ukuze aqhubekisele phambili indaba ethile ngeNingizimu Afrika.”»
La mazwi akhe asevuse ukuqagela ukuthi lo somculo osehlonishwa umhlaba wonke angase asuke kwezokungcebeleka ayongena kwezombusazwe.
Kodwa uma engena kwezepolitiki, ngeke abe umuntu ongajwayele izingxabano.
Iminyaka eminingi uLebo M ubelokhu ebambene ngezihluthu noRobert Marawa odabeni lwesondlo sendodana kaMarawa ayithola nowayengumlingisi we-Generations, uZoe Mthiyane.
ULebo M, owake wathembisana umshado noZoe futhi abanendodakazi ndawonye, wake waveza ukuthi nguyena owangena esikhundleni sokukhulisa nokweseka ngokwezimali indodana kaMarawa ngesikhathi esathandana noZoe.
UMarawa wakuphika lokho, kwagcina sekuyimpi eyadlalelwa ezinkantolo, emithonjeni yezindaba nasezinkundleni zokuxhumana, lapho la madoda amabili ayegadlana khona obala.
Le mpi yabo yaba ngesinye sezigameko ezadonsa amehlo kakhulu kwezokungcebeleka eNingizimu Afrika, kwaze kwaba khona nabantu ababethatha izinhlangothi.
Manje kubukeka sengathi uLebo M usefuna ukungena kwenye inkundla enzima kakhulu, eyezepolitiki.
Yize engakasho ukuthi uzongena kuliphi iqembu noma uzosungula elakhe, amazwi akhe akhombisa ukuthi usecabanga ukudlala indima ekwakheni ikusasa laseNingizimu Afrika.
ULebo M, ogama lakhe langempela nguLebohang Morake, ungomunye wabaculi nabadidiyeli bomculo baseNingizimu Afrika abahlonishwa kakhulu emhlabeni.
Izwi lakhe livakala ekuqaleni kwefilimu ethi The Lion King, kanti umsebenzi wakhe usumenzele imiklomelo emikhulu okubalwa kuyo amaGrammy namaTony Awards.











Leave a Reply