UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Kuvele obala indaba ebingaziwa ngabantu abaningi ngomethuli wePodcast On Point with Sandy Nene, uSandy Nene, oveze ukuthi walahlekelwa yithuba elikhulu lokusebenza kwiGagasi FM ngenxa yokudakwa.
USandy ukhulume ngalolu daba ngesikhathi exoxa nomsakazi weGagasi FM, uSindi Nene, kwiPodcast yakhe.
Uthe isikhathi esiningi abantu babebona sengathi izinto zazimhambele kahle, kodwa kukhona iphutha elamshiya ephuthelwe ithuba ayeliphuphile.
Elandisa ngalokho okwenzeka, uSandy uthe wayesebenza njenge contributor ohlelweni luka Sphe Live noHope Mbhele. Lolu hlelo lwaluphekwa nguKwazi Khoza, futhi wayenikezwe umsebenzi wokwenza umgosi njengengxenye yohlelo.
“Ngaleso sikhathi ngangiwungani weGagasi FM. Banginika ithuba lokwenza umgosi kulolu hlelo olwaluphekwa uKwazi Khoza. Kodwa ngesikhathi bengifonela ukuze ngilungiselele i-segment yami, ngangidakiwe kakhul, kwagcina sekungasenzekanga lutho,” kusho uSandy.
Uveze ukuthi ngemuva kwalokho izinto zashintsha kakhulu phakathi kwakhe nabantu ayesebenza nabo.
“Emuva kwalesi sigameko bavele baphuma kimi. UHope noKwazi bayeka ukuba abangani nami. Ngiyazisola kakhulu ngalokho okwenzeka futhi ngifuna ukuxolisa kubona nakwiGagasi FM,” kusho yena.
USandy uthe ukubuyela emuva acabange ngalokho okwenzeka kumenza abone ukuthi ukudakwa kungacekela phansi amathuba umuntu awasebenzele kanzima.
Okugqamile ukuthi lokhu kuxolisa akwenzekanga nje ngokuzithandela kuphela.
Isivakashi ebesimenyiwe kwiPodcast, uSindy Nene yiso esimkhuthaze ukuthi aphumele obala acele intethelelo kulabo abathinteka kulesi sigameko, ikakhulukazi abaphathi bohlelo kanye nomsakazo iGagasi FM.




















Leave a Reply