UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Sekuqubuke ukudideka nokwesaba emuva kokunyamalala kosomahlaya odumile uXolani Dlamini, owaziwa kakhulu ngo-XD Black.
Izindaba zokuduka kwakhe ziqinisekiswe ngomunye usomahlaya owaziwayo uThando Mseleku, odume ngo-Thando Comedy, othi lesi simo sibucayi kakhulu futhi sidinga usizo lomphakathi ngokushesha.
Kuthiwa uXD Black ugcine ukubonakala ngoMsombuluko, mhla zingama-27 kuJulayi 2026, kodwa kusukela ngalolo suku akekho osamubonile.
Okushiye abantu bemangele kakhulu ukuthi kuthiwa ushiye umakhalekhukhwini wakhe kanye nazo zonke izinto zakhe siqu endlini, engashongo ukuthi uya kuphi.
“Kuthiwa selokhe eduke Monday ushiye yonke into yakhe endlini [kusho undodakazi yakhe ahlala naye]. Siyacela oke wamubona athinte le number esesithombeni. This is serious,” kubhala uMseleku.
Lokhu sekudale okukhulu ukwesaba njengoba abalandeli bakaXD Black nabanye osomahlaya sebeqalile ukusabalalisa isithombe sakhe ukuze kutholakale ulwazi olungasiza ekumtholeni.
UXD Black waziwa ngamahlaya akhe adume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, izinhlelo zokuzijabulisa kanye nokusebenza nabanye osomahlaya abaningi baseNingizimu Afrika.
Umndeni wakhe ucela noma ngubani oke wabona uXolani Dlamini noma onolwazi ngendawo akuyo ukuthi athinte inombolo ethi:
064 538 9026
Uphenyo ngokunyamalala kwakhe lusaqhubeka, kanti abangani bakhe bathi ithemba labo elikhulu wukuthi atholakale ephephile futhi ephila.




















Leave a Reply