UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

ABANEME ABESIFAZANE BAKULELI NGOMLAYEZO KANDLUNKULU UMYENI NGOSUKU LOKUZALWA KWESILO UMISUZULU

KUNINGI OKUSHIYE ABANTU BEBUZA IMIBUZO NGEMVA KOMLAYEZO WOTHANDO WENDLOVUKAZI

Abantu abaningi, ikakhulukazi abesifazane, basale bebambe ongezansi ngemuva komlayezo wothando weNdlovukazi uNomzamo Myeni awubhalele iSilo uMisuzulu kaZwelithini ngosuku lwaso lokuzalwa.

Lokhu kuza ngemuva kokusabalala kwevidiyo yangasese lapho indoda ebonakala iyiNkosi uMisuzulu ibonakala ithukuthelele iNdlovukazi uNomzamo Myeni, iyithuka futhi ikhuluma nayo ngendlela edale umsindo omkhulu ezinkundleni zokuxhumana.

Kule vidiyo, iNkosi ibonakala iphethe ibhodlela lotshwala futhi ibonakala sengathi idakiwe. Iphinde izwakale isola iNdlovukazi ngokungathembeki, iyisabisa ngokuyishaya futhi ithi ifuna iphume emzini wasebukhosini.

Enye yezinto ezashaqisa abantu kakhulu kwaba amazwi eNdlovukazi ekupheleni kwale vidiyo, lapho izwakala ithi: “This is the life I have to live, day and night.”

Le vidiyo yasabalala kakhulu ngoJulayi, yadala ingxoxo eshubile mayelana nobudlelwano balaba bobabili kanye nendlela abesifazane abaphathwa ngayo emakhaya.

Kodwa manje uNdlovukazi uNomzamo usephinde waveza uhlangothi oluhluke kakhulu.

Ngokugubha usuku lokuzalwa lweNkosi, uNomzamo ubhale umlayezo ogcwele uthando, wayibiza ngokuthi “Mnguni Omnyama”, wayibonga ngokuba yinsika, umlingani kanye nesibusiso esikhulu empilweni yakhe.

“Ngiyabonga, Mnguni Omnyama, ngokuba yinsika yami, umlingani wami kanye nesibusiso sami esikhulu,” kubhala Indlovukazi uNomzamo.

Uphinde wafisela iNkosi impilo ende, injabulo, impilo enhle, ukuhlakanipha, ukuthula kanye nempumelelo.

Kanti amazwi akhe okugcina yiwona ashiye abaningi bekhuluma.

“Ngikuthanda ngokujulile, namuhla naphakade. Happy Birthday, My King!”

Kwabanye abantu besifazane abebesakhumbula le vidiyo, lo mlayezo ube isimanga esikhulu. 

Abanye bebebuza ukuthi kwenzekani phakathi kwale vidiyo eyasabalala kanye nendlela uNomzamo akhuluma ngayo ngeNkosi manje.

Nokho, iHhovisi leNkosi lake lachaza ukuthi le vidiyo indala futhi ayikhombisi isimo samanje eNdlini yasebukhosini. 

Laphinde lathi iNkosi iyazisola ngamazwi asetshenziswa ngesikhathi saleyo ngxabano futhi yaxolisa ngokulimala nokuphoxeka okudalwe yileso sigameko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *