Umculi weKwaito odumile waseThekwini, uThokozani Ndlovu, owaziwa ngelikaL’Vovo Derrango, usezovulela izinkulungwane zababukeli ithuba lokubona impilo yakhe yangempela, kulandela iminyaka enzima ebhekene nezinkinga zempilo eziphazamise umsebenzi wakhe kwezomculo.
Lo mculi, owake waba ngomunye wezihlabani ezazihamba phambili emculweni weKwaito, uzobonakala ohlelweni olusha olubizwa ngokuthi Life with L’Vovo, okulindeleke ukuthi luqale ukukhonjiswa ngoLwesine, 26 Novemba 2026, ngo-20h00 kuMzansi Magic, isiteshi 161 kuDStv.
Ukufika kwalolu hlelo kuza ngesikhathi impilo kaL’Vovo isiphinde yaba sematheni, ikakhulukazi ngemva kokuvela kwakhe engxoxweni emsakazweni iGagasi FM, lapho kwaphinde kwagqama khona izinselelo abhekene nazo kusukela ahlaselwa yisifo sohlangothi.
UL’Vovo wahlaselwa yisifo sohlangothi ngoDisemba 2022, okwaphazamisa kakhulu impilo yakhe nomsebenzi wakhe kwezomculo.
Kusukela lapho, ubesemkhankasweni wokululama nokuzama ukubuyela empilweni ayejwayele ukuyiphila ngaphambi kokugula.
Izinkinga zakhe zempilo ziphinde zavusa uzwelo emphakathini, njengoba abanye abantu bezimisele ukumeseka ngemali yokukhokhela izindleko zokwelashwa kwakhe.
Lokhu kukhombise indlela abalandeli bakhe abasamthanda ngayo lo mculi, owajabulisa izinkumbi zabantu ngezingoma zakhe ngesikhathi umculo weKwaito usadla ubhedu.
Kulolu hlelo olusha, ababukeli kulindeleke ukuthi babone impilo yakhe ngaphandle kwesiteji, okuhlanganisa ubudlelwano bakhe nomndeni, amabhizinisi, umsebenzi wakhe kwezomculo kanye nomzabalazo wakhe wokubhekana nezinguquko ezilethwe ukugula.
UL’Vovo ungomunye wabaculi baseThekwini ababa negalelo elikhulu ekudumeni komculo weKwaito, ikakhulukazi ngesikhathi abaculi bakuleli dolobha beqala ukudlondlobala ezweni lonke.
Manje amehlo azobe ethe njo kuMzansi Magic ukubona ukuthi lo mculi uzodalula kangakanani ngezikhathi ezinzima adlule kuzo, abantu abamesekile kanye nezinhlelo zakhe zokuvuselela umsebenzi wakhe kwezomculo.
Life with L’Vovo kulindeleke ukuthi iqale ukukhonjiswa ngo-26 Novemba 2026.




















Leave a Reply