Sekususe umsindo embonini yomculo ukuvela kwezinsolo zokuthi umculi wodumo, uLwa Ndlunkulu, uzanywa ukungcoliswa igama ngokuthi ugula ngengqondo, ngenxa yezinhlelo zakhe zokushiya inkampani yomculo iNkabi Records.
ULwa Ndlunkulu, owazakhela udumo ngaphansi kwenkampani kaBig Zulu, useziphikile izindaba ezithi unenkinga yokugula ngengqondo nokuthi ulaliswe esikhungweni eselapha abantu abanezinkinga zempilo yengqondo.
Lokhu kuvele ohlelweni oludumile iPodcast and Chill with MacG, olusakazwe ngoMsombuluko, lapho omunye wabakhiqizi balolu hlelo, uDudu, edalule ukuthi uthintwe yilo mculi ecela ithuba lokuzozikhulumela kulolu hlelo.
Ngokusho kukaDudu, uLwa umtshele ukuthi kunamanga asakazwa ngaye, afuna ukuwacacisa ukuze umphakathi wazi iqiniso ngokwenzeka empilweni yakhe nasemsebenzini wakhe womculo.
UDudu uthe uLwa ukhala ngokuthi kunabantu abafuna ukumveza njengomuntu ongaphilile kahle ngokwengqondo ngenxa yokuthi uhlela ukushiya iNkabi Records.
“Bafuna ukungiveza njengomuntu ohlanyayo ukuze kungabikho enye inkampani yomculo ezongisayina, nemboni yomculo ingabe isafuna ukusebenza nami,” kusho uLwa, ngokwamazwi adluliselwe nguDudu kulolu hlelo.
Lezi zinsolo zivuse imibuzo ngokwenzeka ngaphakathi enkampanini iNkabi Records, ikakhulukazi njengoba sekuke kwaba nabanye abaculi abayishiyile le nkampani.
Okunye okushube nakakhulu ukuthi ngemuva nje kokusakazwa kwalolu hlelo, umculi uMduduzi Ncube, owashiya iNkabi Records ngonyaka odlule, naye uphumele obala ezinkundleni zokuxhumana.
UMduduzi, owake wagxekwa ngabanye abalandeli ngesikhathi ehlukana nale nkampani, ubhale umyalezo obukeka uqondiswe kulabo ababemsola ngokungabongi ngesikhathi enquma ukuzimela.
“Nakho-ke manje. Nangithuka ngesikhathi ngishiya le nkampani, nathi angibongi. Ngeke sonke sibe siyayishiya ngesikhathi esisodwa. Ngiyethemba manje seniyabona ukuthi inkinga akuthina,” kubhala uMduduzi.
La mazwi kaMduduzi asephinde avusa imibuzo ngokuthi ngabe yini ngempela edala ukuthi abaculi abake basebenza ngaphansi kweNkabi Records bagcine behlukene nayo.
Nokho, uMduduzi akazange achaze kabanzi ngezinkinga okungenzeka wahlangabezana nazo ngesikhathi esebenza kule nkampani.
ULwa ungomunye wabaculi besifazane asebezakhele igama elikhulu emculweni waseNingizimu Afrika, njengoba izingoma zakhe zithandwa ngabalandeli abaningi.
Ukuphuma kwalezi zinsolo sekubeke iso ekutheni ngabe uzogcina evelile yini kwiPodcast and Chill ukuze achaze kabanzi ngesimo sakhe nobudlelwano bakhe neNkabi Records.
Okwamanje, izinsolo zokuthi kunemizamo yokungcolisa igama lakhe azikaqinisekiswa ngokuzimela. Akukakatholakali nokuphawula kweNkabi Records noma kukaBig Zulu ngalezi zinsolo.
Umsakazo News Network uzoqhubeka nokulandela lolu daba ukuze kutholakale uhlangothi lweNkabi Records kanye nolukaLwa Ndlunkulu.




















Leave a Reply