Undlunkulu uNomzamo kaMyeni usezwakalise injabulo nokubonga kuNkulunkulu njengoba yena neSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, begubha unyaka owodwa beshadile.
UNdlunkulu uNomzamo wabelane ngesithombe sakhe neSilo ezinkundleni zokuxhumana, ehambisana nomyalezo omfishane kodwa ogcwele uthando nokubonga.
“Namuhla sigubha unyaka owodwa sisemshadweni wethu. UNkulunkulu usemuhle!” kubhala uNdlunkulu, ehambisana nezimpawu zenhliziyo ebomvu nezandla ezithandazayo.
Kulesi sithombe, iSilo neNdlunkulu babonakala begqoke imvunulo kanokusho ehlanganisa amasiko amaZulu nezembatho zesimanje.
UNdlunkulu ubonakala egqoke ingubo enemibala egqamile, kanti iSilo sigqoke isudi emnyama ehlotshiswe ngemihlobiso ekhombisa ubukhosi.
Lo myalezo usudonse amehlo abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana, njengoba abalandeli beqhubeka nokukhombisa uthando lwabo kulo mshado wasebukhosini.
Ngesikhathi kubukwa lo mbhalo, ubusunabantu abangaphezu kuka-8 400 abawuthandile, kwathi abangaphezu kuka-800 baphawula kuwo.
Ukugubha lo nyaka womshado kuza ngesikhathi izindaba zaseNdlunkulu kaZulu ziqhubeka nokuba ngundabamlonyeni emphakathini, njengoba abantu abaningi belandela okwenzeka emndenini wasebukhosini.
Nakuba engazange achaze kabanzi ngendlela abazogubha ngayo lesi sikhumbuzo, umyalezo wakhe ukhombisa ukuthi lolu wusuku olubalulekile kuye naseSilo.
Lesi sikhumbuzo somshado siphinde saveza uhlangothi lwempilo yasebukhosini olungavamile ukubonakala emphakathini, lapho iNdlunkulu yabelana ngenjabulo yayo nabalandeli bayo ezinkundleni zokuxhumana.


















Leave a Reply