UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

OVALE ISIKHALA SIKAMSWELI UTHI WALUTHANDISWA UMALUME UKHOZI FM

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Intokazi esencane esizakhele ugazi ngokwethula ezemigwaqo, isidalule ukuthi ukuthanda uKhozi FM kwaqala ohambweni lokuya esikoleni phakathi kweGingindlovu neShowe.

Uthi esakhula, uNokwanda Tema wayehlezi esihlalweni sangaphambili emotweni, elalele uKhozi FM hhayi ngoba ethanda, kodwa ngenxa yomyalelo oqinile “kaMalume weMoto.”

 UTema uthi loluhambo lwansuku zonke oluhambisana nomculo nezindaba zomphakathi, lwaba isisekelo esiqinile sohambo lwakhe endimeni yezokusakaza, yize yena wayengakakuqapheli ngaleso sikhathi.

Lentokazi eneziqu zeMedia Techniques isingumethuli wezemigwaqo oKhozini FM ingene ezicathulweni zika Ayanda Msweli.

“Ukhozi FM lukhulise umphakathi wami izizukulwane ngezizukulwane futhi luyaqhubeka nokwenza kanjalo. Kungani ngingabi yingxenye yaleyo legacy? Ngibonga ithuba lokwabelana ngezindaba ezikhuthazayo, ezifundisayo nezikhuthaza abantu, ngiphinde ngibuyisele emphakathini ongikhulisile,” kusho uNokwanda.

KuTema, umsakazo akuwona nje umsebenzi. Kuwumsebenzi wokuzinikela, ukubonisana kanye nokuphakamisa umphakathi wakhe.

Lentokazi ithi ngokwethula ezemigwaqo oKhozini FM iyaqhubeka nokuphila leli phupho, njalo lapho engena emoyeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *