UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

Advertisement

OWOKHOZI FM UJAHA IPHUPHO LOKWETHULWA I-TOP BILLING

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

Umethuli wezomgwaqo kuKhozi FM, uNokwanda Tema, usethathe igxathu elikhulu ekufezeni iphupho lakhe lokuba kumabonakude njengoba ngenele umncintiswano kazwelonke wokufuna umethuli omusha wohlelo oludumile lwezokungcebeleka, iTop Billing.

UTema, owaziwa abaningi njengomethuli wezemigwaqo kuKhozi FM, umemezele ngokusemthethweni ukuthi usengenele umncintiswano we-Top Billing Presenter Search 2026

Kuvidiyo yakhe yokuzethula ayifake ezinkundleni zokuxhumana, uveze ukuthi ufuna ukusuka ekubeni “yiNdlovukazi Yemigwaqo” aye ekubeni ngomunye wobuso obaziwayo kuthelevishini yaseNingizimu Afrika.

Lo mncintiswano uyingxenye yokubuyiswa kohlelo lweTop Billing kuSABC 3 ngemuva kweminyaka eyisikhombisa lungasabonakali ezikrinini. 

Abakhiqizi balolu hlelo bafuna ubuso obusha obuzojoyina ithimba labethuli futhi buqhubekisele phambili umlando wohlelo olwaziwa ngokwethula izindaba zabantu abadumile, izindawo zokuvakasha, izindlu zikanokusho kanye nezindaba zempilo esezingeni eliphezulu.

Abalandeli bakaTema, ikakhulukazi abalaleli boKhozi FM, sebeqale ukumkhuthaza ezinkundleni zokuxhumana, bembonisa ukumeseka kulolu hambo olusha. Abaningi bakholelwa ukuthi ulwazi lwakhe kwezokusakaza kanye nobuntu bakhe obuthandekayo kungamfaka esicongweni salo mncintiswano.

UTema ucele umphakathi ukuthi umeseke ngokumvotela ukuze afinyelele ezigabeni zokugcina zalo mncintiswano. Ukungenela kwakhe kugqamisa indlela abasakazi bomsakazo abaqhubeka ngayo nokwandisa amathuba abo emkhakheni wezindaba nokuzijabulisa.

Uma ephumelela, uNokwanda Tema uzobe elandela ezinyathelweni zabanye abasakazi abaphenduke izinkakha kuthelevishini, futhi abe ngomunye wabantu abazomela isizukulwane esisha sabethuli bohlelo lweTop Billing.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *