UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umsakazi woMhlobo Wenene u-Lusanda Mbane usebhale umlayezo ogcwele imizwa ekhumbula unina ongasekho, njengoba yena nodadewabo begubha izinsuku zabo zokuzalwa okokuqala ngaphandle kwakhe.
UMbane uthe unina ubeyisikhumbuzo esikhulu somndeni, ehlala ebavusa ngo-5 ekuseni minyaka yonke ebaculela ingoma yosuku lokuzalwa, yize babemhleka ngaleso sikhathi ngenxa yokuvuka ekuseni kakhulu. Uthe lokhu bekuyisiko elingaphazamiseki, unina engaphuthi nakanye.
Ukhumbule nezwi likanina elalinokujula nokuhoshozela okuthile, wathi kulo nyaka ulingise umama wakhe ngesikhathi eculela udadewabo, ngoba bekuyindlela yokukhumbula nokusondelana naye.
Uphinde waveza ukuthi unina ubeguliswa isifo sokuwohloka kwengqondo (dementia), esagcina sesimemenze engabe esakhumbula ezinye izinto ngaphambi kokushona kwakhe.
Nakuba lokhu kube buhlungu, uMbane uthe yena nodadewabo bayesekelana futhi bazama ukuqhubeka nokuphila benokuthula.
Kulo mlayezo wakhe, uthe ukholwa ukuthi unina manje “ukhululekile ku-dementia” futhi ubabhekile evela phezulu, ubaphethe ngothando.
Uthe futhi bayamthembisa ngokuthi bazobheka babambisane, futhi bazame ukujabula nakuba kunosizi lokumkhumbula kakhulu.




















Leave a Reply