UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umsakazi wohlelo lwasekuseni kuGagasi FM, uFelix Hlophe, usezwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwengcindezi emphakathini njengoba kusondela umhla ka-30 Juni, okuyisikhathi esibekwe ezinye izinhlangano zomphakathi ukuthi abantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi ezisemthethweni zokuhlala eNingizimu Afrika baphume baphele kuleli.
UHlophe ubhale ezinkundleni zokuxhumana eveza ukwesaba kwakhe, exwayisa ngokuthi isimo esikhona njengamanje simkhumbuza udlame lwezepolitiki olwahlasela izingxenye eziningi zeNingizimu Afrika ngeminyaka yawo-1980 kanye nasekuqaleni kwawo-1990.
“Ontanga bami abaningi bayawesaba umhla ka-30 Juni. Liyangishiya igazi ngoba ngizibonile izinhlekelele zeminyaka yawo-80 nowama-90. Leyo minyaka yobuhlungu ayifanele iphinde ibonakale futhi,” kubhala uHlophe.
Lo msakazi uthe izigameko zakamuva zokubhikisha kwabantu eThokoza zivuse izinkumbulo ezibuhlungu zesikhathi esasigcwele udlame nokungazinzi ezweni. Uphinde wanxusa ukuthi kube nesixazululo esinokuthula ngaphambi kokuba isimo sibe sibi kakhulu.
“Kuyasabisa impela angifuni ukungasho. Ngifisa sengathi kungaxazululeka konke ngaphambi kosuku olubekiwe,” kusho yena.
IThokoza, esempumalanga yeGauteng, yaba enye yezindawo ezahlaselwa kakhulu udlame ngesikhathi iNingizimu Afrika ishintsha isuka embusweni wobandlululo iya entandweni yabantu.
Izinkulungwane zabantu zalahlekelwa yizimpilo zazo kulezo zingxabano.
Amazwi kaHlophe afika ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo ezishubile ngezindaba zabokufika, ukuphepha komphakathi kanye nokugcinwa komthetho.
Njengoba kusondela umhla ka-30 Juni, abaningi banethemba lokuthi izingxoxo ezinokuthula nezixazululo ezisemthethweni zizogwema noma yiluphi udlame futhi zigcine uzinzo emphakathini.














Leave a Reply