UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umholi wenhlangano iMarch and March, uJacinta Ngobese-Zuma, uthi uNgqongqoshe Wezokuvikela u-Angie Motshekga, usabise ngokudedela umbutho weSouth African National Defence Force (SANDF) ngesikhathi somhlangano obubanjelwe e-Union Buildings ngoLwesibili.
NgokukaNgobese-Zuma, lo mhlangano ubuyingxenye yezingxoxo eziqhubekayo phakathi kwenhlangano yakhe nohulumeni mayelana nezindaba zokufuduka kwabantu ngokungemthetho, amathuba emisebenzi kubantu baseNingizimu Afrika kanye nobugebengu.
Esitatimendeni asibhale ezinkundleni zokuxhumana ngemuva komhlangano, uNgobese-Zuma uthe uMotshekga ubatshele ukuthi amasosha angathunyelwa ngomhlaka-30 Juni, usuku lapho iMarch and March ihlela khona ukuqhubekisela phambili umkhankaso wayo.
“Namuhla besinomhlangano nohulumeni futhi e-Union Buildings lapho bekukhona ongqongqoshe abaningana, kwathi u-Angie wasitshela ukuthi uzothumela iSANDF ngomhlaka-30 Juni,” kubhala uNgobese-Zuma.
Lezi zinsolo kulindeleke ukuthi zivuse inkulumompikiswano mayelana nendlela uhulumeni aphatha ngayo imibhikisho nemashi ehleliwe.
UNgobese-Zuma uphinde wathi kube nomunye umhlangano obuhlanganise izinkampani ezizimele, izinhlangano zamabhizinisi, iminyango kahulumeni kanye noMasipala.
Uthe izingxoxo zigxile ekuqashweni kwabokufika kanye nezingozi ezibangelwa ngabantu abenza ubugebengu abazenza ababaleki.
Uthe phakathi kwabebekhona bekukhona abamele uMnyango Wezabasebenzi Nokuqashwa, uMnyango Wezasekhaya, uMasipala waseThekwini kanye nezinhlangano zamabhizinisi.
IMarch and March ibikhankasela ukuqiniswa kwemithetho yokungena kwabantu bokufika ezweni kanye nokwandiswa kwamathuba emisebenzi kubantu baseNingizimu Afrika.
Le nhlangano isike yahlela imashi nemibhikisho ezindaweni ezahlukene kuleli ezinyangeni ezedlule.
UMnyango Wezokuvikela ubungakaphenduli esidlangalaleni kulezi zinsolo ngesikhathi kushicilelwa lo mbiko.
Akukacaci ukuthi amasosha angathunyelwa ngaphansi kwaziphi izimo nokuthi ngabe sesikhona yini isinqumo esisemthethweni mayelana nemisebenzi ehlelelwe umhla ka-30 Juni.