UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
UMnyango WezaseKhaya usuxwayise umphakathi ukuthi ungakhohliswa yiphosta elisabalele ezinkundleni zokuxhumana elithi abantu bazoklonyeliswa ngo-R250 uma bebika abokufika abangenawo amaphepha asemthethweni.
UMnyango uthi lesi saziso singumbombayi futhi asizange sikhishwe yiwo noma nguNgqongqoshe WezaseKhaya.
Ugcizelele ukuthi awukho umkhankaso okhokhela amalungu omphakathi imali ukuze abike abantu okusolwa ukuthi bahlala kuleli ngaphandle kwamaphepha asemthethweni.
Esitatimendeni sawo, uMnyango uthe awunikezi nhlobo imivuzo yemali ngalolu hlobo, wanxusa umphakathi ukuba uqinisekise ubuqiniso bolwazi ngaphambi kokulwabelana ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe ukusabalalisa imininingwane engamanga kungadala ukudideka, ukwesaba kanye nokungezwani emphakathini.
UMnyango uphinde wanxusa abantu ukuthi basebenzise kuphela izinkundla zawo zokuxhumana neziteshi zawo ezisemthethweni uma befuna izimemezelo noma ulwazi oluqinisekisiwe.
Amalungu omphakathi ayelulekwa ukuba angasabalalisi noma athembe imiyalezo engaqinisekisiwe, kodwa aqinisekise amaqiniso emithonjeni esemthethweni ukuze kuvikelwe umthetho, kugwenywe ukusabalala kwamanga, futhi kugcinwe ukuthula emphakathini.




















Leave a Reply