UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

IDA IZOVIMBA IMK PATRY NGO PAPPAS EMNGENI

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA 

UMHOLI weDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uChris Pappas, usephinde wanikwa ithuba lokuqhubeka nokuhola uMasipala uMngeni njengoba iqembu limemezele ngokusemthethweni ukuthi nguyena ozoba yikhandidethi lalo lobuMeya okhethweni lohulumeni basekhaya oluzayo.

Lesi simemezelo senziwe ngaphansi kwesiqubulo esithi “#Is’khathi Sifikile!”, lapho i-DA izishaye khona isifuba ngomsebenzi owenziwe nguPappas kusukela ithatha izintambo zokuphatha uMngeni.

Iqembu lithi ngaphansi kobuholi bukaPappas, uMasipala waseMngeni usuphenduke isibonelo sokuphathwa kahle, kanti izakhamuzi sezibona umehluko ezinsizeni zomphakathi.

Ngokusho kwe-DA, omunye wemisebenzi emikhulu eyenziwe wukukhokha zonke izikweletu zikamasipala, okwenze ukuthi uMngeni usebenze ngaphandle komthwalo wezikweletu.

Iqembu liphinde lathi umkhandlu uthole ama-unqualified audits amane alandelana, okuyinto elithi ikhombisa ukuphathwa kahle kwezimali nokungabibikho kwenkohlakalo.

Ngaphezu kwalokho, i-DA ithi imigwaqo ilungisiwe, ingqalasizinda ithuthukisiwe, kwathi nezinsiza zomphakathi zafinyelela kubantu abaningi kunakuqala.

Iqembu lithi lifuna ukuqhubeka nalolu hlelo lokuphatha ngaphansi kwesiqubulo esithi “Keep uMngeni Working For All”, ligcizelela ukuthi lizimisele ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyazuza ekuphathweni kukamasipala.

UPappas kulindeleke ukuthi abe ngomunye wabazobhekwa kakhulu ngesikhathi kuqala imikhankaso yokhetho, njengoba amaqembu ezepolitiki ezobanga ngamandla ukulawula omasipala eKwaZulu-Natal.

Phakathi kwamaqembu epolitiki awubheke ngabovu lomkhandlu kuhlanganisa neMK Party.  Kuzokhumbela ukuthi iDA esifundazweni ike yaba nesiqubulo esithi “Stop MK” . 

Ukuphakanyiswa kwakhe sekuvele kuvuse inkulumo ezinkundleni zokuxhumana, lapho abasekeli be-DA bemhalalisela khona, kanti nabaphikisayo sebeveza ukuthi bazimisele ukumelana naye emjahweni wokhetho ozayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *