UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

I-ANC NE-IEC BAZOBHEKANA ENKANTOLO NGOHLU LWABANGENELE UKHETHO NAMUHLA

Kushubile phakathi kwe-ANC neKhomishana Yokhetho, i-IEC, njengoba impikiswano ngezinhlu zalabo abazongenela ukhetho selufikile eNkantolo Yokhetho.

Lolu daba luzolalelwa  namuhla ngoLwesibili, mhla ziyi-15 kuMandulo 2026, njengoba i-ANC izama ukulungisa udaba oluthinta abanye babantu ebihlose ukubafaka kuma list wokhetho lohulumeni basekhaya.

Ingxabano iqhamuke ngemuva kwezinkinga ezihambisana nokufakwa kwezinhlu zamagama abazongenela ukhetho ngaphambi komnqamulajuqu owawubekwe yi-IEC.

I-ANC ithi izinkinga zobuchwepheshe ohlelweni lwe-IEC lokwamukela izinhlu zibe nomthelela ekutheni amanye amagama angafakwa ngesikhathi.

Kodwa i-IEC ithi amaqembu ezepolitiki anesibopho sokuqinisekisa ukuthi izinhlu zawo zifakwa ngendlela efanele futhi kungakapheli isikhathi esibekiwe.

Ngenxa yalokhu kungaboni ngaso linye, i-ANC isibhekise udaba eNkantolo Yokhetho, ifuna ukuthi abanye babangenele ukhetho bayo banikwe elinye ithuba lokuba yingxenye yokhetho.

Lolu daba lubhekwe ngeso lokhozi njengoba ukhetho lohulumeni basekhaya luzobanjwa mhla zizi-4 kuLwezi 2026.

Izinqumo zenkantolo zingaba nomthelela endleleni i-ANC ezongenela ngayo ukhetho kwezinye izindawo, ikakhulukazi lapho amagama abazongenela ukhetho eseyingxenye yengxabano.

Amanye amaqembu ezepolitiki nawo aphikisana nesicelo se-ANC, ethi imithetho neminqamulajuqu yokhetho kufanele isebenze ngokulinganayo kuwo wonke amaqembu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *