Ukhihla isililo usomahlaya wodumo uNonto R njengoba umcimbi wakhe i-Gospel Meets Comedy ususengcupheni yokukhanselwa ngenxa yokungahambi kahle kokudayiswa kwamathikithi.
Lo mcimbi obekuhlelwe ukuthi ube seCarnival City ushiye uNonto R ekhathazekile, njengoba ethi usechithe imali engaphezu kuka-R200 000 ekuwulungiseleleni.
UNonto R uthi ngesikhathi ekhuluma nabaseCarnival City, uthole izindaba ezimphathe kabi.
Utshelwe ukuthi sekudayiswe amathikithi angaba ngu-200 kuphela, kanti indawo ingamumatha abantu ababalelwa ku-4000.
Lokhu kusho ukuthi kusasele amathikithi amaningi angadayiswanga, njengoba sekusondele usuku lomcimbi.
Ekhala kabuhlungu, uNonto R uthi uma ephoqeleka ukuthi awukhansele, angase alahlekelwe yimali engaba ngu-R230 000 asevele eyitshalile kulo msebenzi.
Le mali ihlanganisa izindleko zendawo, ukukhangisa, neminye imisebenzi yokulungiselela lo mcimbi.
UNonto R uthi lesi simo asithinti yena kuphela. Kukhona nabantu abasebenza naye ngemuva kwesiteji abathembele emalini abayithola kulo msebenzi ukuze bakwazi ukunakekela imindeni yabo.
Uthi unikezwe kuze kube uMsombuluko ukuthi athathe isinqumo sokuthi i-Gospel Meets Comedy iyaqhubeka yini noma uyayikhansela.
Nokho uNonto R uthi akesabi ukwehluleka, njengoba eseke wabhekana nezikhathi ezinzima emsebenzini wakhe.
Manje usecele abalandeli bakhe ukuthi bathenge amathikithi, ukuze basize ekusindiseni lo mcimbi.
“Ngizokhansela uma kungadingeka,” kusho yena, kodwa ithemba lakhe lisesezandleni zabalandeli.













Leave a Reply