Umsakazi woKhozi FM, uSiphesihle Shabalala, odume ngelika-DJ SpheLive, usezwakalise ukubonga kuLucky Dlamini, ongumsunguli nomphathi weVibe FM, ngokumethemba nokumnika ithuba lokuqala emsakazweni.
U-DJ SpheLive uveze lokhu ngoLwesibili, mhla ziyi-13 kuMfumfu 2026, lapho egubha iminyaka engu-13 aqala ngayo ukusakaza.
Uhambo lwakhe lwaqala mhla ziyi-13 kuMfumfu 2013, esiteshini somsakazo iVibe FM.
Emazwini akhe, ubonge uDlamini ngokumnika ithuba esengumfana waseMnambithi, waphinde wazwakalisa ukubonga kubo bonke abasakazi nabanye abasebenzi bomsakazo abamqondisile nabamsiza ukuba athuthuke kulo mkhakha.
Uphinde wabonga abalaleli abaqhubeke nokumeseka kuyo yonke le minyaka, eveza ukuthi ukwethembeka kwabo kuyinto ayazisa kakhulu.
“Ngiyabonga kakhulu kuwe mlaleli. Ngemuva kwayo yonke le minyaka, usenami. Kungumusa kaNkulunkulu kuphela,” kusho uSpheLive.
Njengamanje, u-DJ SpheLive ungomunye wabasakazi boKhozi FM, lapho ethula khona uhlelo lwasemini ethi Dankie 1223, esebenzisana noZimiphi Biyela, owaziwa ngelikaZimdollar.











Leave a Reply