UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

BAVUTHA BENGABASELWE ABESIFAZANE BAFUNA OWE-ANC AXOLISE NGOLWESIBUMBU

Uphiko lwabesifazane ku-African National Congress (ANC), i-ANC Women’s League (ANCWL), seluzwakalise ukungenami ngamazwi ashiwo nguSihlalo we-ANC kuzwelonke, uGwede Mantashe, ngesikhathi ephendula umbuzo wentatheli yeNewsroom Afrika mayelana nezinsolo zokuthi abanye abantu baphoqeleka ukuba bahlanganyele ocansini ukuze bathole imisebenzi.

Esitatimendeni esikhishwe mhla ziyi-18 kuMfumfu, lolu phiko luthe luphazanyiswe kakhulu yindlela uMantashe aphendule ngayo imibuzo yentatheli, lwachaza amazwi akhe njengangafanele futhi angehlisa isithunzi sabesifazane.

I-ANCWL ithe uMantashe ungumholi osezingeni eliphezulu, ohlonishwayo nonolwazi olunzulu kwezombusazwe.

Ngenxa yalokho, kulindeleke ukuba abe yisibonelo esihle ngokuhlonipha abanye abantu nangokugcina izimiso zokuziphatha ezifanele abaholi.

Lolu phiko luphinde lwagcizelela ukuthi i-ANC inomlando omude wokulwela ukulingana nokulwa nokucwaswa ngokobulili. 

Luthi lezi zimiso kufanele zibonakale endleleni abaholi beqembu abakhuluma nabanye abantu nabaphatha ngayo.

I-ANCWL isixolisile entathelini yeNewsroom Afrika, yathi uMantashe naye kufanele axolise esidlangalaleni entathelini kanye nomphakathi ngenxa yamazwi akhe.

Ngaphezu kwalokho, lolu phiko selunxuse ubuholi be-ANC ukuba bumkhuze uMantashe futhi bumthathele izinyathelo ezifanele ngokwezinqubo zenhlangano.

Luphinde lwaphikisa noma yimuphi umzamo wokusebenzisa iminyaka yakhe yobudala njengezaba zokuthethelela ukuziphatha kwakhe.

Ngokwesitatimende salolu phiko, abantu asebekhulile nabanesipiliyoni kwezombusazwe kulindeleke ukuba badlulisele ulwazi lwabo kwabasakhulayo, banikeze izeluleko futhi bakhuthaze abanye, ikakhulukazi abesifazane. 

Akufanele basebenzise amazwi angamukeleki abathobayo noma abalulaza isithunzi sabo.

I-ANCWL isicacise ukuthi ifuna uMantashe axolise esidlangalaleni, kanti iphinde yabeka ubuholi be-ANC engcindezini yokuba buthule ngezinyathelo ezizothathwa ngale ndaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *