Abathandi bezindaba zothando nobudlelwano sebengalindela izingxoxo ezishisayo njengoba uhlelo oludumile i-Ask A Man lweMetro FM seluzotholakala kumabonakude.
Lolu hlelo luzokwethulwa uSomizi Mhlongo, uQuinton “Naked DJ” Masina kanye nosomahlaya uVafa Naraghi.
Lolu hlelo luzoqala ukubonakala ku-S3, lapho kuzodingidwa khona izinselelo ezibhekana nabantu ebudlelwaneni babo, kusukela ezinkingeni zokuthandana kuya ekuphukeni kwezinhliziyo.
Ababukeli bazothola ithuba lokulalela imibono engafihli lutho ngezinto ezithinta impilo yothando yabantu.
USomizi Mhlongo ungomunye wosaziwayo abagqame kakhulu kwezikaqedisizungu eNingizimu Afrika. Unamava amaningi emkhakheni wokungcebeleka, ukulingisa, ukucula, umsakazo kanye nomabonakude.
Kulindeleke ukuthi abe neqhaza elikhulu ezingxoxweni ezizobe zishisa izikhotha kulolu hlelo.
UQuinton “Naked DJ” Masina naye uzoba yingxenye yalolu hlelo. Usebenze ne-Ask A Man iminyaka eminingi ngesikhathi lusakazwa kuMetro FM.
Ukuqhubeka kwakhe nalolu hlelo kumabonakude kuzoletha ukujwayeleka kubalaleli asebenesikhathi belulandela emsakazweni.
Ozojoyina laba ababili nguVafa Naraghi, usomahlaya osenqobe imiklomelo, owaziwa ngokusebenzisa amahlaya ukukhuluma ngezinto ezenzeka empilweni yansuku zonke yabantu baseNingizimu Afrika.
Kulindeleke ukuthi imibono yakhe ihambisane namahlaya kanye nendlela elula yokuchaza izimo ezivame ukubhekana nabantu.
Kodwa-ke, izingxoxo ngeke zigcine ngamahlaya kuphela!
Kulolu hlelo kuzokhulunywa ngezinkinga zokuthandana, ubudlelwano obungacacile, ukuhlukana kwezithandani, izinselelo zomshado kanye nengcindezi ebekwa yimindeni kubantu abasothandweni.
Abasakazi bazokwabelana ngemibono yabo, kuphinde kunikezwe nemininingwane ebalulekile evela kochwepheshe.
Enye yezinto ezizokwenza lolu hlelo luhehe ukuthi abantu abazoxoxa ngezindaba zabo ngeke badalulwe amagama.
Lokhu kuzobavumela ukuthi babelane ngezinselelo ababhekene nazo ngaphandle kokwesaba ukuthi bazokhonjwa ngeminwe.
Uhlelo i-Ask A Man luzoqala ukukhonjiswa ngoMsombuluko, mhla ka-2 kuLwezi 2026, ngo-19:00 ku-S3. Luzophinde lusakazwe ngesikhathi esifanayo ku-SABC Plus.














Leave a Reply