UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

UXOSHWE EPHUPHA IZINAMBA ZE-LOTTO UNOBHALA WE MK PARTY

Kushubile kuMkhonto weSizwe Party (MKP) njengoba kubikwa ukuthi uMengameli weqembu, uJacob Zuma, usegxoshe uNobhala-Jikelele walo, u-Advocate Sibonelo Nomvalo, sekusele isikhathi esingaphansi kwamasonto amabili ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwangomhlaka-4 kuLwezi (November) 2026.

Kubikwa ukuthi lesi sinqumo uZuma usithathe ebusuku uNomvalo esalelele, ephupha izinombolo ze-lotto.

Ukususwa kukaNomvalo kubikwa kuza ngesikhathi kunokungaboni ngasolinye ngaphakathi eqenjini mayelana nendlela eliphethwe ngayo, ukuqokwa kwabantu ezikhundleni kanye nokukhethwa kwabazongenela ukhetho njengamakhansela.

Esitatimendeni iqembu le MKP lithd uNomvalo usolwa ngokuthatha izinqumo ezibalulekile zenhlangano engazange abonisane nabaholi abaphezulu beqembu, okubalwa kubo noZuma.

Phakathi kwezinto okubikwa ukuthi zibangele ukungezwani kubalwa ukusungulwa kwamakomiti athinta ukuthunyelwa kwabantu ezikhundleni ngaphandle kokugunyazwa okufanele, kanye nezinguquko ezithinta iqembu ePhalamende nakwezokuphatha.

Kuthiwa kuphinde kwaba nokungaboni ngasolinye mayelana nokukhethwa kwabazongenela ukhetho njengamakhansela, kwaphakama nezinsolo zokubakhona kwamaqembu aphikisanayo ngaphakathi enhlanganweni.

UNomvalo waqokwa njengoNobhala-Jikelele ngoNdasa (March) 2026 kulandela ukususwa kukaBongani Mncwango kulesi sikhundla.

Ukususwa kwakhe sekuphinde kwabeka obala imibuzo ngobumbano nangendlela yokuthathwa kwezinqumo ngaphakathi kuMKP njengoba leli qembu lilungiselela ukhetho.

IPhini likaNobhala-Jikelele, uLindiwe Mtshali, selibekwe esikhundleni sokuba nguNobhala-Jikelele obambile, kanti nabanye abaholi kulindeleke ukuthi babambe iqhaza ekuqhubekiseni umsebenzi wenhlangano.

Lokhu kuza kulandela ezinye izingxabano ezike zavela esidlangalaleni ezithinta abaholi abaphezulu beMKP, nokudale ukuthi kuhlale kubhekwe indlela leli qembu elisingatha ngayo izindaba zangaphakathi.

Akukacaci okwamanje ukuthi uNomvalo uzophawula yini esidlangalaleni ngalezi zinsolo noma aphikise isinqumo sokususwa kwakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *