UNOBHALA WE MK PARTY OXOSHIWE UTHI UZANDILE GUMEDE OFIKE NOKUXOVA KULELIQEMBU

Sekushubile ukungezwani ngaphakathi kweqembu loMkhonto Wesizwe Party (MKP) kulandela ukuputshuka kwencwadi okuthiwa ibhalwe nguNobhala-Jikelele weqembu osanda kuxoshwa u-Adv. Sibonelo Nomvalo, lapho esola khona abanye babaholi abaphezulu ngokwakha itulo lokumsusa esikhundleni.

Encwadini yangomhla zingama-26 kuMfumfu 2026, ebhekiswe kuMengameli weMKP, uJacob Gedleyihlekisa Zuma, uNomvalo uthi kunalokho akuchaza ngokuthi “yiqembu labantu abanethonya kwezepolitiki” elisebenza ngaphakathi eqenjini ngenhloso yokumsusa esikhundleni.

Uthi leli tulo lihambisana nezinsolo zemibiko yezobunhloli engamanga kanye nemizamo yokumcekela phansi.

Lezi zinsolo ziveza ukujula kwemifantu ngaphakathi kuMKP, njengoba sekubangwa ubuholi, izimali kanye namandla okuphatha izinqumo zenhlangano.

UNomvalo usekhombe ngenjumbane uMnu. Lindelani Mbambo, oyinhloko ehhovisi likaMengameli weMKP, emsola ngokuvimba ukufinyelela kwakhe kuZuma.

Ngokusho kukaNomvalo, imizamo yakhe yokuphendula izinsolo abhekene nazo, ezithinta incwadi yangomhla zingama-22 kuMfumfu 2026, ayiphumeleli ngenxa yalokho athi wukuvinjwa ngamabomu.

Usola uMbambo ngokuba yingxenye yeqembu elisebenza ngamaqhinga okuhlakaza ubuholi bakhe, ngenhloso yokulawula izinqubo zenhlangano.

Encwadini yakhe, uNomvalo ubhale wathi ukholelwa ukuthi izenzo zikaMbambo zihlobene nokubamba iqhaza kulokho akubiza ngetulo lokumsusa esikhundleni sikanobhala-jikelele.

Lezi zinsolo ziqhamuka ngesikhathi iMKP kubikwa ukuthi isabhekene nokungezwani kulandela ukuxoshwa kukaDuduzile Zuma noNhlamulo Ndlela.

UNomvalo akagcinanga ngokukhuluma ngezinsolo zokuthi uziholela imali ephindwe kabili, kodwa uzame nokuchaza uhlelo lwemali athi uluthola ngenxa yezindima zakhe ezahlukene.

Uthi uthola iholo elisele eselikhishiwe intela elingu-R50 000 ePhalamende, aphinde athole imali engu-R75 000 evela eqenjini njengemali yokwenza umsebenzi wenhlangano.

Ngokombiko wencwadi, uNomvalo uthi lolu hlelo lwavela ngesikhathi iqembu libhekene nezinkinga zezimali, nokwenza kwadingeka asebenzise izinsiza ezitholakala emsebenzini wakhe wasePhalamende ukuze afeze imisebenzi yeMKP.

Kodwa-ke, uphendule ngezinsolo ezibhekiswe kuye ngokuthi nabanye abantu abasezikhundleni eziphezulu bathola imali ngezinhlelo ezifanayo.

Uthi uMbambo uthola enye imali engu-R53 000 eqenjini, ngaphezu kweholo alithola kuhulumeni.

Uphinde waveza amagama kaDkt. Hlophe, uNhlamulo Ndlela kanye nomuntu amchaze ngelikaLindokuhle, abasebenza ehhovisi likaMengameli, njengabanye athi nabo bahlomule ezinhlelweni zokuholelwa ngezindlela ezifanayo.

Lezi zinsolo ziphakamisa imibuzo ngokuthi iMKP izihlela kanjani izinkokhelo zabaholi bayo, ikakhulukazi labo abasebenza ezikhundleni eziningi.

Nokho, lezi zinsolo azikaqinisekiswa ngokuzimela.

Olunye udaba olushubisa isimo ukuguqulwa kwesakhiwo soWhip beMKP ePhalamende, okuyinto uNomvalo azama ukuyivikela.

UNomvalo uyaziphika izinsolo zokuthi waxosha amalungu ePhalamende ayisishiyagalombili engazange alandele izinqubo ezifanele.

Uthi izinguquko ezenziwe bezihlobene nokuhlelwa komsebenzi weqembu ePhalamende, futhi zenziwa ngenhloso yokugcina uhlelo nokusebenza kahle kweqembu.

Ngokusho kwakhe, uSekela Mengameli Wokuqala weMKP, uDuduzane Zuma, wayeseka lezi zinguquko ukuze kuvinjelwe isimo sokungabi namthetho nokungalawuleki.

Le ngxabano isiphinde yavusa imibuzo ngokuthi ngubani onegunya lokwenza izinqumo ezinkulu ngaphakathi eqenjini.

UNomvalo uphinde wabhekisa amabombo kuSihlalo Kazwelonke weMKP, uMphostoli Mxolisi Phakathi, kanye nosopolitiki  uZandile Gumede.

Ubasola ngokuvakashela uZuma emzini wakhe oseZimbali, bethi bayomnika ulwazi athi lwalungamanga futhi luhlose ukungcolisa igama lakhe nokubhidliza ubuholi bakhe.

Kule ncwadi, uNomvalo uphinde athi imizamo yakhe yokunqanda izinsolo zokufumbathiswa kwabantu ukuze bathole izikhundla ohlwini lwamalungu azongena ePhalamende noma ezishayamthetho yaphendulwa isikhali sokumhlasela.

Uthi wayeyalele izifunda zeqembu ukuba zihlele kahle iziphakamiso zazo ngaphambi kwezinsuku zokugcina ezibekwe yiKhomishana Ezimele Yokhetho (IEC).

Kodwa uthi abathile abanezinhloso zabo ngaphakathi eqenjini basebenzise lolu daba njengendlela yokulwa naye nokuzama ukulawula izinqumo zokuthi ngobani abazomela iqembu okhethweni lohulumeni basekhaya. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *