LUGCILE LUFIKE ULOSITHATHU KUMTOLO WE ANC EKOKSTAD

OwayenguNobhala we-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal, uBheki “Fika Losuthathu ” Mtolo, uzwakalise injabulo ngokunqoba kweqembu lakhe kuzo zonke izigceme ezingu-11 kuMasipala waseGreater Kokstad, kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya obelubanjwe izolo.

UMtolo waphenduka uFika Losuthathu mhla echoma ezinkundleni zokuxhumana ngokhetho olwedlule ukuthi i-ANC izochoboshisa kanjani, kodwa kwavele kwafika i-MK Party yashaya kwabola ekhanda. 

Ngokusho kukaMtolo, i-ANC ishaye yabhuqa kuzo zonke izigceme zalo masipala, nokuyinto ayithathe njengobufakazi bokuthi abantu baseKokstad basalethemba iqembu lika-Oliver Tambo.

UMtolo ubonge kakhulu izakhamuzi zaseKokstad ngokuqhubeka nokweseka i-ANC, wathembisa ukuthi amakhansela aleli qembu azosebenzela umphakathi ngokuzithoba nangokwethembeka.

“People of Kokstad, we remain humble to you. We shall be your servants,” kusho uMtolo.

Uthe bazosebenzela abantu ngokuzithoba, ngobuqotho, ngenhlonipho nangokuphendula ngokushesha ezidingweni zomphakathi.

Lokhu kunqoba okubikwe nguMtolo kuthathwa njengomfutho omkhulu kwi-ANC eningizimu yeKwaZulu-Natal, njengoba leli qembu liqhubeka nemizamo yokubuyisa ukwethenjwa ngabavoti nokukhulisa ukwesekwa kwalo.

Ukunqoba kuzo zonke izigceme ezingu-11 kungakhombisa ukuthi i-ANC isenezimpande eziqinile emphakathini waseGreater Kokstad, naphezu kwezinselelo ebhekene nazo kwezepolitiki.

Nokho, lokhu kunqoba kuphinde kubeke umthwalo omkhulu emahlombe amakhansela e-ANC, njengoba izakhamuzi zilindele ukuthuthukiswa kokulethwa kwezidingongqangi, ukulungiswa kwengqalasizinda kanye nokubhekelelwa kwezinkinga ezikhungethe imiphakathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *