Kushube isimo ezinkundleni zokuxhumana njengoba abanye abalandeli be-MK Party besola i-Independent Electoral Commission (IEC) ngokubambezela ukukhishwa kwemiphumela ephelele yokhetho lohulumeni basekhaya kuMasipala weTheku.
Abalandeli baleli qembu basola ukuthi ukubambezeleka kwemiphumela kuyingxenye yecebo lokuvimba i-MK Party ekuthatheni izintambo zokuphatha iTheku, bethi i-IEC imatasa nokushintsha imiphumela ukuze kuvuleke indlela yokubuyisela i-ANC embusweni.
Ngokwemiphumela yesikhashana ebonakala esithombeni se-IEC, ngesikhathi sekubalwe u-88% wemiphumela, i-MK Party ibihamba phambili ngamavoti angu-39.85%, ilandelwa yi-DA ngo-24.48%, i-ANC ngo-16.73%, ne-IFP ngo-6.44%.
Isithombe siphinde siveze ukuthi i-MK Party inezihlalo ezingu-41, i-DA ezingu-13, ne-IFP ezimbili, kanti ezinye izinhlangano bezingakaboniswa zinezihlalo.
Abanye abalandeli be-MK Party sebeze basola i-IEC ngokusebenzisa uhlelo lwe-Proportional Representation (PR) ngenhloso yokubuyisela i-ANC emandleni ngomnyango ongemuva.
Nokho, uhlelo lwe-PR alusilo olusha futhi aluzange lusungulelwe lolu khetho. Sekuyiminyaka lusetshenziswa okhethweni lohulumeni basekhaya eNingizimu Afrika.
KoMasipala abakhulu abafana neTheku, izihlalo zamakhansela zabiwa ngokuhlanganisa lawo anqobe emawadini kanye nalawo atholakala ngokwesabelo samavoti amaqembu.
Lokhu kusho ukuthi ukuhola ngamavoti akusho ukuthi iqembu selizothola ngokuzenzakalelayo iningi lezihlalo emkhandlwini.
Okwamanje, izinsolo zokuthi i-IEC ishintsha imiphumela ngenhloso yokuvuna i-ANC azikasekelwa ubufakazi obuqinisekisiwe.
Amehlo asethe njo ekukhishweni kwemiphumela ephelele ezocacisa ukuthi amaqembu azothola izihlalo ezingaki nokuthi yiliphi elizokwazi ukuhlanganisa iningi elidingekayo ukuphatha iTheku.


















Leave a Reply