Yize i-MK Party iphume phambili ngokuthola izihlalo eziningi eMkhandlwini kaMasipala weTheku, leli qembu likaMengameli wangaphambilini, uJacob Zuma, lihlulekile ukuthola iningi elanele ukuze lizibambele mathupha izintambo zokuphatha lo masipala.
Ngokwezibalo ezivezwe emiphumeleni yokhetho, i-MK ithole izihlalo ezingama-86, okuyisibalo esingama-38.29% sokwesekwa, yalandelwa yi-Democratic Alliance (DA) ngezihlalo ezingama-57, kwathi i-African National Congress (ANC) yathola ezingama-37.
I-Inkatha Freedom Party (IFP) ithole izihlalo eziyi-15, i-ActionSA eziyisikhombisa, kwathi i-Economic Freedom Fighters (EFF) yathola ezine.
Lokhu kusho ukuthi i-MK isadinga ukwesekwa ngamanye amaqembu ukuze ifinyelele ezihlalweni eziyi-112 ezidingekayo ukuze kube neningi emkhandlwini onezihlalo ezingama-223.
YIMAPHI AMAQEMBU ANGASE ABAMBISANE NE-MK?
Enye yezindlela ezingavulela i-MK ithuba lokuphatha iTheku ukubambisana ne-ANC.
Uma la maqembu ehlanganisa izihlalo zawo, angaba nezingama-123, okuyisibalo esanele ukwakha uhulumeni wobumbano.
Enye indlela ukubambisana ne-DA, njengoba izihlalo zala maqembu zihlangene zingaba yi-143. Nokho, lokhu kungadinga ukuthi la maqembu avumelane ngemigomo yokuphatha, nakuba enokungaboni ngaso linye kwezombusazwe.
Uma i-MK ingakhetha ukusebenzisana ne-IFP ne-EFF kuphela, izihlalo zawo zihlangene zingaba yi-105, okusho ukuthi kusazosweleka eziyisikhombisa ukuze kufinyelelwe eningini.
Ukufaka i-ActionSA kulowo mfelandawonye kungakhuphula isibalo sifinyelele kwezingu-112, okuyinani elidingekayo.
INGABE I-MK INGAGCINWA NGAPHANDLE KOMBANGO?
Yize i-MK iphume phambili, kusengenzeka ukuthi amanye amaqembu akhe umfelandawonye ozoyivimba ekuphatheni iTheku.
Uma i-DA, ANC, IFP ne-ActionSA bengabambisana, bangaba nezihlalo eziyi-116, okuyisibalo esanele ukubusa ngaphandle kwe-MK.
Lokhu kusho ukuthi impi yangempela yezintambo zombango waseThekwini isingase idlulele ezingxoxweni zokwakha imifelandawonye.


















Leave a Reply