OwayenguNobhala we-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal, uBheki Mtolo, usephawule ngokushintsha kwesimo sezombusazwe njengoba amaqembu aqhudelana ngokhetho eseqalile ukubheka amathuba okubambisana ekuphathweni komasipala.
UMtolo, oyilungu leProvincial Task Team (PTT) ye-ANC KwaZulu-Natal, uthi kuyamangaza ukuthi amaqembu abekade egxeka i-ANC, amanye eyibiza ngenhlangano yamasela, manje aseyibheka njengomlingani angasebenzisana naye ekubuseni.
Lokhu ukusho ngesikhathi izingxoxo zokwakha ohulumeni bokubambisana ziba sematheni kulandela ukhetho lohulumeni basekhaya.
“Coalition talks are going to be very interesting. What is more interesting is that no party now says ANC is an organisation of thieves. Every party now sees the ANC as a credible organisation to partner with to run government,” kusho uMtolo.
UMtolo uveze ukuthi osopolitiki bayakwazi ukushintsha abakushoyo kuye ngezimo ababhekene nazo, ikakhulukazi uma sekufika isikhathi sokuxoxisana ngokuphatha.
“Ngoba eSouth Africa politicians omalala ephenduka. What they say today is not what they say tomorrow,” kuchaza lensizwa edume ngofika losithathu.
La mazwi akhe aveza ukungahambisani kwakhe nendlela amanye amaqembu ashintsha ngayo ukukhuluma nge-ANC uma sekudingeka abambisane nayo ukuze kwakhiwe ohulumeni.
Nokho, ukuthi iqembu lezombusazwe livuma ukuxoxisana ne-ANC akusho ukuthi selihoxise ukugxeka kwalo ukusebenza kwaleli qembu noma izinsolo zenkohlakalo elake laziveza.
UMtolo uphinde wagcizelela ukuthi ukuphatha omasipala akuwona umsebenzi olula, wathi izinselelo ababhekana nazo zidinga ubuholi obukwazi ukubhekana nomthwalo omkhulu.
“Kodwake bayasinda omasipala, akuyona into ongayithatha kalula. Municipalities have proven their worth, they are heavy duty machinery,” kusho yena.
Izinkulumo zikaMtolo ziza ngesikhathi amaqembu ezombusazwe ebhekene nombuzo wokuthi azobambisana kanjani komasipala lapho kungekho qembu elithole izihlalo ezanele ukuze lizibuse lodwa.
Phakathi kwezinto ezizobhekwa kulezi zingxoxo kubalwa ukwabiwa kwezikhundla zobuholi, izivumelwano zokuphatha kanye nezinhlelo zokulethwa kwezidingongqangi emphakathini.


















Leave a Reply