OBUTHELEZI KUPHELA ABAHLOMILE NGEZIKHUNDLA EZIPHEZULU KUMASIPALA WASOLUNDI!

Kube ngoButhelezi bodwa abaqokelwe ezikhundleni ezintathu eziphezulu kuMasipala wasoLundi, emhlanganweni woMkhandlu obanjwe namuhla, ngoLwesibili, mhla ziyi-17 kuLwezi 2026.

Okugqame kakhulu kulo mhlangano wukuthi iMeya, iPhini leMeya kanye noSomlomo woMkhandlu bonke banesibongo sakwaButhelezi, kanti futhi bangamalungu e-Inkatha Freedom Party (IFP).

UKhansela Slondiwe Buthelezi uqokwe njengeMeya kaMasipala waseUlundi, kwathi uKhansela B.R. Buthelezi waqokelwa esikhundleni sokuba yiPhini leMeya.

UKhansela S.M. Buthelezi yena uqokwe njengoSomlomo woMkhandlu, nokusho ukuthi zonke izikhundla ezintathu eziphezulu kulo Masipala sezibanjwe abantu abanesibongo esifanayo.

Lokhu kuqokwa kwenze isibongo sakwaButhelezi sagqama kakhulu ebuholini bukaMasipala waseUlundi, okuyindawo osekuyiminyaka i-IFP inamandla kuyo kwezombusazwe.

Nakuba laba baholi benesibongo esifanayo, akukacaci ukuthi bakhona yini ubudlelwano bomndeni phakathi kwabo.

Ukuqokwa kwabo kuphinde kwagcizelela ukubusa kwe-IFP kulo Masipala, njengoba leli qembu selithathe zonke izikhundla ezisemqoka ebuholini boMkhandlu.

Sekusele ukuthi kubonakale ukuthi lobu buholi obusha buzosebenzisana kanjani ekuqhubekiseleni phambili ukuthuthukiswa kukaMasipala waseUlundi nasekuqinisekiseni ukuthi izidingo zomphakathi ziyahlangatshezwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *