UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Umculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose ususe inkulumompikiswano ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokubhala umlayezo obekhuluma ngobudlelwano bakhe nomkakhe.
Kulo myalezo, uKhuzani uncome unkosikazi wakhe ngokuthi uyawuqonda umsebenzi wakhe futhi akasheshi ukumsola noma emthethise, ngisho noma ake anyamalale izinsuku ezintathu engatholakali ocingweni.
“Lapha ngathola umuntu okwazi ukungifonela izinsuku ezintathu engangitholi ocingweni, kodwa uma esengithola ngeke umuzwe engithethisa,” kubhala lo mculi.
Lo myalezo uhlukanise imibono yabantu. Abesifazane abaningi bathi amazwi kaKhuzani awamukelekile ngoba angase abonakale ekhuthaza indlela yokuziphatha engenanhlonipho ebudlelwaneni.
Abanye bakuchaze njengokuhlukumeza ngokomzwelo, bethi akulungile ukuthi umlingani anyamalale izinsuku engachazi ukuthi ukuphi futhi angatholakali.
Abanye baze bathi lesi yisona sizathu esenza besabe ukungena emshadweni, ngoba ngeke bakwazi ukubekezelela isimo lapho umlingani enyamalala izinsuku ngaphandle kokuxhumana.
Nokho, akubona bonke abagxekile lo mculi. Kukhona abamvikele nabathi ubekhuluma ngokwethembana phakathi kwakhe nonkosikazi wakhe.
Abanye baphinde bancoma unkosikazi kaKhuzani ngokubekezela, ukuhlakanipha nokungasheshi ukwahlulela umyeni wakhe.
Le nkulumo iyaqhubeka nokudonsa amehlo ezinkundleni zokuxhumana, njengoba abantu beqhubeka nokuphikisana ngokuthi ngabe amazwi kaKhuzani ayeyihlaya, ayeyincomo kumkakhe, noma aveza indlela yokuziphatha engamukelekile ebudlelwaneni.












Leave a Reply