UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Abahleli bomcimbi womculo ozoba seDundee, ngemuva kweDundee July sebekhiphe isexwayiso esiqinile kubaculi, bebatshela ukuthi abayeke umkhuba wokukhuphukela esiteji bacule izingoma zabanye abaculi.
Ngokomyalezo osusabalele ezinkundleni zokuxhumana ngaphambi komcimbi, bonke abaculi bazolindeleka ukuthi bacule izingoma zabo kuphela, kunokuba bajabulise izethameli ngezingoma zabanye.
Kuthiwa lesi sinqumo sihloswe ukuqinisekisa ukuthi wonke umculi ukhombisa umsebenzi wakhe nomculo wakhe, kunokuncika ezingomeni zabanye ukuze athole ukwesekwa yizethameli.
Lo myalelo usuqalile ukuba nomthelela kwabanye abaculi. Ngokombiko osusabalele, abalandeli bathi umculi uJumbo usephoqeke ukuthi aqale phansi alungise i-USB yakhe, afake izingoma zakhe kuphela, esusa ama-mix abekade ehlanganisa nezingoma zomculi kaMaskandi uKhuzani.
Lesi sinqumo sesivuse inkulumo ezinkundleni zokuxhumana, lapho abanye bethi sekuyisikhathi sokuthi abaculi bazakhele amagama ngemisebenzi yabo. Abanye bona bakholelwa ukuthi ukufaka izingoma ezaziwayo zabanye kusiza ukugcina izethameli zijabule ngesikhathi somcimbi.










Dudu
Kubaluleke ukuthi abaculi bazimele
Bakhombisa ukuba namakhono okunhowabo bangnviki kwabanye
Badume ngezingoma zabanye abaculi