UMSAKAZO NEWS NETWORK

Sizikhipha Zishisa!

KUSOLWA UNKOSIKAZI KANGIZWE NGOKUJOLA NESHENDE LASE NIGERIA

UMZUKULU KAMHLANGANYELWA

Izinkundla zokuxhumana ziyavutha kulandela izinsolo ezibucayi ezibhekiswe kuFlora Mthimkhulu, owaziwa kakhulu ngelika Floda Gray, okubikwa ukuthi ungunkosikazi wesibili womsakazi uNgizwe Mchunu.

Lezi zinsolo zivezwe ngumbhali wamabhulogi nomhlaziyi odume ngokushaya izindaba ezishaqisayo, uSthemaphungula, othi uFloda Gray ubonakale emcimbini wangasese eKapa ngoLwesine ebusuku.

Ngokwezinsolo ezisabalala ezinkundleni zokuxhumana, uFloda Gray, ophishekela umsebenzi womculo we-Afrobeats, ubonwe exoxa futhi ejabulela isikhathi neqembu labesifazane kanye namadoda amaningana aseNigeria abebekhona emcimbini.

Kuthiwa futhi enye yalezi yalamadoda okusolakala ukuthi ibinaye kulowo mcimbi kukholakala ukuthi inobudlelwano bothando naye.

Izithombe namavidiyo okuthiwa athathwe kulowo mcimbi seziqalile ukusabalala ezinkundleni zokuxhumana, okwenze abaningi baqala ukuqagula nokuxoxa ngalolu daba.

Kubikwa ukuthi lo mcimbi ubuhanjelwe ngabantu abaningana okubalwa kubo nosaziwayo wezinkundla zokuxhumana uPablo Venz.

Njengoba izinkulumo ziqhubeka nokwanda, abasebenzisi bezinkundla zokuxhumana bahlukene phakathi.

Abanye bayangabaza ngobunjalo bobudlelwano okusolwa ngabo, kanti abanye banxusa umphakathi ukuthi ulinde ubufakazi obugcwele ngaphambi kokufinyelela eziphethweni.

Ngesikhathi kushicilelwa le ndaba, akekho phakathi kukaFloda Gray noNgizwe Mchunu obesephumele obala ukuzophawula ngalezi zinsolo.

Futhi azikakatholakali izinsolo ezizimele ezingaqinisekisa ukuthi kukhona ubudlelwano bothando phakathi kukaFloda Gray nale ndoda okusolwa ngayo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *