UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
Enye yama reality shows edume kakhulu eNingizimu Afrika, kaQueen Nandi noMfundisi Mlombi, ikhuza ibuya ngesizini yesibili yohlelo lwabo oludume kakhulu, Nandi & The Rev, oluzoqala ngeSonto mhla ziyi-12 kuNtulikazi ngo-19:00.
Isizini entsha iqhubeka lapho kugcine khona eyokuqala, eyashiya ababukeli benemibuzo eminingi ngokuthi umshado wabo uzokwazi yini ukumelana nezinselelo abazabhekana nazo ngemuva kokuzalwa kwengane yabo yesikhombisa.
Kulokhu, indaba igxile ekwakheni kabusha ubudlelwano obake bonakala.
Ababukeli bazobona uRev Mlombi ezama ukubuyisa indawo yakhe njengenhloko yomndeni, ngesikhathi uQueen Nandi ezibuza ukuthi yini ayifunayo ngempela emshadweni wakhe nasempilweni yakhe.
Lolu hlelo luzophinde lulandele uRev Mlombi njengoba ecubungula ukuqala inkonzo yakhe, ngemuva kokuthola ukuthula nezindaba zesonto. Lokhu kuzovula umbuzo wokuthi angakwazi yini ukubuyisela isithunzi sakhe nokwakha ikusasa elisha enkonzweni.
Izinkinga zomndeni nazo zizoba sematheni.
UQueen Nandi uzobhekana nobudlelwano obungebuhle phakathi kwakhe nezingane zakwabo, kanti uRev Mlombi uzoqala uhambo lokufuna iqiniso ngobaba wakhe.
Laba bobabili kuzodingeka babhekane nezinselelo zomshado, izimfihlo zomndeni, izindima eziguqukayo kanye nesiqalo esisha, njengoba bezama ukwakhela bona nezingane zabo eziyisikhombisa ikusasa elingcono.
Njengenjwayelo, lolu hlelo luzogcwala izingxoxo eziqotho, amahlaya, ukungaboni ngaso linye kanye nezikhathi ezithinta inhliziyo, njengoba lubonisa ukuthi kwenzekani uma sekuyisikhathi sokulungisa ubudlelwano obake balimala.
Izimpendulo zizovela ngesikhathi iSeason 2 ye-Nandi & The Rev iqala ngeSonto, mhla ziyi-12 kuNtulikazi, ngo-19:00.










Leave a Reply