UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
UBUYILE, futhi akabuyelanga ukuzodlala!
Umlingisi osewine izindondo, u-Abdul Khoza, usebuyele ngokumangazayo kuthelevishini ngemuva kokuba ake wamemezela ukuthi useyayeka ukulingisa.
Lo mlingisi othandwa ngabantu abaningi usejoyine umdlalo Uzalo, lapho edlala khona indawo entsha ka Ma-Ten-Ten, umholi onesibindi kodwa ononya weqembu lamabhayisikili elesatshwayo, Amantaliyane.
Ukufika kwakhe KwaMashu kuza ngesikhathi uNkunzi evalelwe ejele, okumnika ithuba lokuzama ukuthatha umbuso wakwaMhlongo.
Kodwa uMa-Ten-Ten akafiki yedwa.
Umlingisikazi uLondeka Sishi ujoyina lo mdlalo njengo Lungsta, udadewabo wokukhuliswa ohlakaniphe ngendlela eyisimanga, ongungqondongqondo wamaqhinga aleli qembu.
Kanti uMbuso Zulu uzodlala indawo ka Cash Money, indoda ethembekile kaMa-Ten-Ten ezimisele ukwenza noma yini ukuvikela iqembu.
Ukufika kwaMantaliyane kulindeleke ukuthi kulethe izimpi ezishubile, ukukhaphelana, ukuchitheka kwegazi kanye nokulwelwa kombuso okuzonyakazisa iKwaMashu.
Ukubuya kuka-Abdul Khoza sekushiye abalandeli bejabule, njengoba abaningi babecabanga ukuthi ngeke besambona futhi ezikrinini.




















Leave a Reply