Abahleli bathi abafuni ukuthi abaculi bagcine becindezelekile ngenxa yokuzama ukuvela emicimbini emibili ngosuku olulodwa.
Ngenxa yalokho, bacela abalandeli ukuthi baveze imibono yabo mayelana nokuthi umcimbi ungahlelwa yini ngo-23 December 2026.
Umhleli weBig 5 Music Festival, Yenziwe Ndimande, uthe lesi yisinqumo abasicabangayo ngokujulile, ikakhulukazi ngenxa yabaculi.
“Sicabanga ukuthatha isinqumo sokuya kumhlaka 23, nakhona ngokucabangela abaculi,” kusho uNdimande.
Uchaze ukuthi le micimbi emibili isebenzisa cishe amaphesenti angu-90 abaculi abafanayo, kanti nezindawo eqhutshelwa kuzo ziqhelelene kakhulu.
“Lama events omabili asebenzisa 90% wabaculi ababodwa futhi izindawo ziqhelelene kakhulu,” kusho yena.
UNdimande uthe ukushayisana kwezinsuku kugcina sekubeka abaculi esimweni esinzima, njengoba abanye kungadingeka bazame ukufika emicimbini yomibili ngosuku olulodwa.
“Ukuqondana kwama dates kugcina kuhlukumeza abaculi,” kusho uNdimande.
Uphinde waveza ukuthi abahleli bacabanga ukwenza u-23 December kube wusuku olusemthethweni lweBig 5 Music Festival minyaka yonke.
“Sicabanga ukuthi minyaka yonke sisebenzise 23 December,” kusho uNdimande.
Abahleli manje balinde imibono yabathandi bomculo ngaphambi kokwenza isinqumo sokugcina mayelana nosuku lomcimbi.










Leave a Reply