UMZUKULU KAMHLANGANYELWA
ISouth Africa isale ibambe ongezansi kulandela izindaba zokudlula emhlabeni komlingisi odumile nomakadebona wethelevishini naseshashalazini, uSeputla Sebogodi.
Umndeni wakhe ukuqinisekisile ukuthi lo mlingisi ushone ngoLwesithathu kusihlwa, mhla ziyi-15 kuNtulikazi 2026, kulandela izinkinga zempilo ezihlobene nesifo sikashukela.
Esitatimendeni esikhishwe umndeni, uthe udabuke kakhulu ngokulahlekelwa nguye futhi wacela ukuthi umphakathi uhloniphe ubumfihlo bawo njengoba ubhekene nalesi sikhathi esinzima sokulila.
USebogodi waziwa kakhulu ngendima yakhe emdlalweni kamabonakude i-Generations, lapho athandwa khona izigidi zababukeli. Uphinde wadlala nakweminye imidlalo efana ne-Suburban Bliss, Bophelo ke Semphego, Redemption, kanti muva nje ubonakale ku-Scandal!
Ngaphandle kwethelevishini, uSebogodi wayengomunye wabalingisi abahlonishwayo eshashalazini. Uvele emidlalweni efana ne-Big Dada, Waiting for Godot, The Rivonia Trial, Once a Pirate, kanye ne-Mooi Street Moves, okwamqinisa njengomunye wabalingisi abahamba phambili eNingizimu Afrika.
Umndeni wakwaSebogodi uthe umsebenzi wakhe omkhulu kanye nempilo ayithinte kubantu abaningi kuzoqinisekisa ukuthi ifa lakhe liyaqhubeka nokuphila.
Imininingwane yomngcwabo kanye nenkonzo yesikhumbuzo ayikamenyezelwa.












Leave a Reply